I-IFP ithi kungamanga aluhlaza ukuthi abaholi bayo baphezu kwetulo lokusoconga uNobhala jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini.
I-IFP ithe ifuna ukuthi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, nabezezinhloli, baphumele obala ngetulo lokusocongwa kukaDlamini.
Ikusho lokhu emva kokuthi i-EFF yenze izinsolo zokuthi abaholi abaphezulu be-IFP baphezu kwetulo lokusoconga uDlamini.
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, uthe “batshelwe ngamaphoyisa” ukuthi abaholi be-IFP bahlela ukusoconga uDlamini.
Nokho amaphoyisa athe awazi lutho ngomhlangano okuthiwa kwakhulunywa kuwona ngaleli tulo lokusoconga uDlamini.
UThambo uthe bathole ukuthi abaholi be-IFP basola uDlamini ngokuphela kokusebenzisana kweIFP ne-EFF komasipala baKwaZulu-Natal okungekho kubo iqembu elanqoba ngamalengiso. Njengamanje i-EFF imdibi namaqembu afuna ukuketula i-IFP komasipala baKwaZuluNatal abebekade bephethwe ngokubambisana yi-IFP ne-EFF.
UThambo uthe bazithathela phezulu lezi zinsolo zokusocongwa kukaDlamini, ikakhulukazi njengoba zandile izigameko zokusocongwa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Uthe nango-2014 amalungu e-IFP ayephazamisa imihlangano ye-EFF, kwaze kwasiza ukuthi babe nomhlangano nomsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
“Thina njenge-EFF asihambisani nodlame. Sifuna ukuthi izinhlaka zokuphepha ziphenye lezi zinsolo zetulo lokusoconga, bese kuboshwa abasolwa. Sinxusa abaholi be-IFP namalungu ayo ukuba baziqhelelanise nodlame.”
Kepha okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ukuchithile ukuthi kunabaholi be-IFP abahlela itulo lokusoconga uDlamini.
UHlengwa uthe izinsolo ezenziwa yi-EFF zibucayi, wathi zivusa amanxeba amadala.
UHlengwa uthe ukube amaphoyisa anolwazi ngetulo lokusocongwa kukaDlamini ngabe asebabophile labo abalibophayo.
“I-EFF ayizange iveze ubufakazi bale nto ekhuluma ngayo. Sinxusa ukuthi amaphoyisa aphenye ngale nto. Sifuna ukuthi uCele nabezinhloli baphumele obala ngaleli tulo okukhulunywa ngalo.”
UHlengwa uthe i-EFF yenza lezi zinsolo ngoba icasulwa wukuthi amaqhinga ayo okuketula i-IFP komasipala awaphumeleli.
“Bebezitshela ukuthi kuzokuba lula ukukhipha abaholi be-IFP komasipala. Manje sebeyabona ukuthi akulula yingakho sebekhuluma noma yini ngeIFP.
“Sebevukelwa ngisho nangamalungu abo angajabule ngokuthi sebezosebenzisana ne-ANC. Phela amalungu amaningi e-EFF aphuma kwi-ANC ngoba nakhu enganelisekile ngayo.”
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe abazi lutho ngomhlangano okuthiwa kwakhulunywa kuwo ngetulo lokusocongwa kukaDlamini, waphinde wathi futhi amaphoyisa awakhulumi ngokuphepha kwabantu esidlangalaleni.