AKEKHO obengacabanga ukuthi ezinye izinto ezihambisana nempucuzeko yizona ezingasiphendukela zisilimaze noma zibe yingozi emizimbeni yethu.
Eqinisweni kuningi esasicabanga ukuthi kuyasithuthukisa kanti kusiphendula ibhola lalabo abenza imali ngathi. Siyagula, imizimba iyaphunduleka, sigcine sesikhombana sodwa sithi siyathakathana, imindeni ayisabhekani, kubi kubi!
Enye yalezi zinto kwaba ukushintsha singaphoqwe muntu, sayeka ukuxubha amazinyo ngendlela ephephile eyayingagulisi muntu, sathutheleka kulezi zinhlanganisela zemithi ngoba sithi silandela impucuzeko. Namhlanje kunezinhlobonhlobo zezihlanzi esizibiza ngokuthi imithi yokuxubha noma izihlanzi mlomo iningi lazo esingazi ukuthi zithakwe ngani. Zona lezi zithako zinomphumela muni emizimbeni yethu. Imithi yokuxubha ithakwe ngekhemikhali ebizwa ngokuthi yi-fluoride, yilesi sithako esinguphoyizeni, umbulalazwe woqobo osibhuqabhuqayo siyisizwe.
Inselelo ukuthi le khemikhali ingena okungathi akwenzeki lutho emzimbeni kanti awazi uyaphela ngaphakathi. Ngeshwa abantu abaningi bendlu yakithi baze bayongcwatshwa bengazi nokuthi yini le eyayibagulisa nomsusa wayo. Inkinga enkulu le okumele siyilwe nxazonkana, sidlulile isikhathi lapho sibeka khona izinqumo ngezimpilo zethu kwabanye abantu, kube yibo okungathi bayakucabangela baze bangafuni nokuthi wazi ukuthi kwenzekani ngaphakathi kuwe emzimbeni. Mhlawumbe abanye abangizwa, thina singodokototela asifuni nokuthi umuntu abuke ifayela lakhe uma elalisiwe esibhedlela. Sike sizibuze nje ukuthi kuphula muphi umthetho ukufunda ifayela lami, elikhuluma ngami, kuyimina engilaliswe esibhedlela? Size impela sitshele iziguli sithi, ‘akuvunyelwe ukufunda ifayela, uma kukhona ofuna ukukwazi buza kudokotela wakho’. Ubuza udokotela ekuphi, uyomthola nini lowo dokotela?
Umuthi wokuxubha unekhemikhali okuthiwa yi‘flouride’ eyinkinga enkulu emizimbeni yethu. Mangisheshe ngicacise ukuthi umuthi wokuxubha akusiwo wodwa esithola kuwo iflouride, zikhona nezinye izinto ezifana namapani athile okupheka, amanzi komasipala abathile namakhemikhali okuzimotamota. Senza isibonelo ngomuthi wokuxubha ngoba yiwona oxhaphakile nosetshenziswa kakhulu ngabantu bakithi. Empeleni isikhathi esiningi umuthi wokuxubha usetshenziswa kabili ngosuku okuchaza ukuthi iflouride ekuwo iyona esiyithola kakhulu. Iflouride ingena emzimbeni ithathe izindawo zamanye amakhemikhali ngenxa yokuthi yona iyisilenda, ithi tshobe ingene. Ngiyacabanga sesiyazibuza ukuthi yiziphi lezi zindawo emzimbeni iflouride engena ngokushesha kuzona idale umonakalo?
Kunendlala elapha emphinjeni ebizwa ngokuthi yi-thyroid gland. Le ndlala isebenza nge-protein okuthiwa yi-thyroglobulin. Ngokwendalo i-thyroglobulin isebenzisana ne-Iodine ukuze kwenzeke umsebenzi ngendlela efanele. Kodwa lokho ngeke kwenzeke uma kukhona iflouride emzimbeni ngoba ngokokwakheka iflouride incanyana, ilula kune-Iodine ngaleyo ndlela iflouride ivele iyozithi shwathe endaweni ye-Iodine. Ngale ndlela kuyaphazamiseka ukusebenza kwethyroid bese umuntu uyaqala uphathwa yikhanda elibuhlungu elingapheli, isiyezi, ibhalansi ilahleke ugcine usuhamba untengezele, izinyawo zivendlezele zishayisane, uqhaqhazele ushaywe uvalo olungakuyeki, ikhanda kube ngathi ungalibamba ulixukuze, abanye isikhumba siyashintsha sigqwale, uqumbelane kugcwale umoya esiswini, kube nomsinjwana ezindlebeni, ukhathale kakhulu kuvele kungathi ungadla ulele, amalunga omzimba abe buhlungu wonke nezicubu kusukela ekhanda kuya ezinyaweni.
Iflouride iyangena igeleze ngegazi ize itheleke nasebuchosheni ikakhulu kule ndawana elawula ukukhiqizwa kwekhemikhali imelatonin umsebenzi wayo okungukwenza silale ngokwemvelo. Abantu asebengenwe yiflouride ababe besakwazi ukufikelwa ubuthongo okanye kube nzima satshe ukulala. Kumele sizibuze ukuthi sesingaze singalali, siqhaqhazele, sihlale sikhathele ngenxa yokungafuni ukuhlukana nomuthi wokuxubha sibuyele ekuxubheni ngomlotha nangelahle, ukuhlanganisile uma uthanda.
Iflouride yansondo ayizibheki izidleke zokwakha amaqanda kwabesifazane nalezo zokuphehla imbewu yesilisa. Kunabantu abangabatholi abantwana ngenxa yokubakhona kweflouride ezidlekeni zamaqanda abo, uma beyohlola kuthiwe akukho olubi olutheni olubonakalayo kodwa bebe bengazitholi izingane. Umuntu ofuna izingane makahlukane nomuthi wokuxubha bese efuna udokotela ozokwazi ukumelapha iMitochondrio Dysfunction
Uthi bewazi nje ukuthi iflouride esuka emuthini wokuxubha iyakwazi ukuhamba iye kusinyaka, ipancreas; ishintshe ukusebenza kwalesi sikhondlandla sokulawula ushukela emzimbeni bese ziqala izinkinga ngosinyaka. Okuzolandela wukuhluleka ukulawula ushukela, kwabanye kube ngumdlavuza kasinyaka; izinkinga zande ngenxa yokwehluleka kwethu ukwehlukana nokuxubha ngomuthi ngisho sesibazi ubungozi bawo.
Ngiyaphinda ngiyagcizelela ukuthi umthombo weflouride akuwona umuthi wokuxubha kuphela. Kukithi ukunakekela izimpilo zethu. Ukuhlukana nomuthi wokuxubha, uxubhe ngomlotha akuyona into enzima. Ukhuni lukhipha ilahle nomlotha, abantu bakithi emandulo babesebenzisa umlotha nelahle, benganukelwa mlomo futhi akaze babikwe ukugula. Yini ezoshintsha uma sekuyimi nawe?
Mpilonde!!