BONISWA MOHALE
ISIKHULU esiphezulu sase-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter, sithi sizothenga ugesi kubakhiqizi abazimele kusukela kusasa, ukulwa nenkinga yokunqamuka kukagesi.
U-De Ruyter usho lokhu esithangamini sabezindaba ebesibizwe yi-Eskom namuhla emuva kokuthi izwe lingene esigabeni sesithupha sokunqanyulwa kukagesi.
“Sizothenga ugesi owu-1 000MW kubakhiqizi bakagesi abazimele abakhona engibala kubo i-Sappi neSasol. Sinazo izinhlelo zokuthenga omunye kwabanye abakhiqizi abazimele ngesikhathi sisalungisa imishini yethu efile,” kusho uDe Ruyter.
Uthe baphoqelekile ukunqamuka ugesi ngokwesigaba sesithupha ukugwema ukuthi izwe libe mnyama bhuge.
Uveze ukuthi ibingekho enye indlela akade bezokwenza ngayo ngaphandle kokunyusa isigaba sokunqamuka kukagesi emuva kokufelwa yinqwaba yemishini ephehla ugesi ngamalahle.
Ubalule ukuthi kufe imishini ephehla ugesi e-Arnot, Kemden, Kusile, Duvha naseKriel.
Wehlise amaphaphu kubantu baseNingizimu Afrika, ngokubaqinisa idolo ngokuthi akukho okubi abakusolayo ngokufa kwemishini yabo ngoba ucwaningo luveza ukuthi ifa ngenxa yokuthi isigugile.
Ucele abantu bakuleli ukuthi basebenzise ugesi ngokucophelela, bacime impahla kagesi uma bengayisebenzisi.