UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema utshele amalungu e-EFF ahlangene eBirchwood, eKurhuleni, eGoli ukuthi awazilungiselele ukuthatha amandla ombuso. Uthe akungenzeki iphutha lokuthi kufika isikhathi sokuthi bathathe kodwa bona bebengazilungiselele.
UMalema ubekhuluma namalungu ale nhlangano ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wayo emhlanganweni wokwethulwa komkhankaso wokhetho ozothatha izinsuku ezimbili njengoba namhlanje bekuwusuku lokuqala.
Ubonge wonke amalungu ale nhlangano enza konke okusemandleni ukuthi usuku lwabo lokugubha iminyaka eyishumi lube yimpumelelo. “Ningenze ngazizwa ngiphephile, nikhombisile ukuthi singaya sonke empini siyinqobe.”
Ugxeke abaholi be-ANC abalokhu bekhala ngobandlululo uma kwenzeka izinto, uthinte igama likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uLindiwe Zulu noNgqongqoshe wakwaCogta uNkk Thembi Nkadimeng.
Uthe isiqubulo sabo sizobe sithi, Umuntu Emntwini. “Uma sithi Umuntu eMntwini sisho ukuthi wonke umuntu uzoba naye umuntu akhuluma naye, ngoba kubalulekile ukuya kubantu njengoba kuza ukhetho nje ngo-2024.