KUVELA negama lobengusihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, ohlwini lwamalungu e-EFF angavumelekile emcimbini wokugubha iminyaka eyishumi kwasungulwa le nhlangano.
Igama likaKhoza livela emagameni amalungu ePhalamende, iziShayamthetho kanye namakhansela ashaye indiva umyalelo wokuba aqashe amabhasi azohambisa abantu emcimbini wakusasa.
UKhoza ubengusihlalo we-EFF KwaZulu-Natal ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ebingonyaka odlule, kanti njengamanje uyilungu lePhalamende.
Igama likaKhoza lingelesibili ohlwini lwabaholi abangamukelekile emcimbini olushicilelwe i-EFF.
Kepha ke uKhoza uthe kukhona iphutha kulolu hlu, wathi yena uzenzile izinhlelo zokuthi abantu bangakubo baye emcimbini wakusasa.
“Ngicabanga ukuthi abakhiphe uhlu kukhona iphutha abalenzile, futhi ngicabanga ukuthi basazolilungisa. Ngingakuqinisekisa ukuthi mina izinhlelo ngizenzile futhi abantu bazokwazi ukuya emcimbini.”
Okhulumela i-EFF kuzwelonke, uMnuz Sinawo Tambo, uthe amalungu avela kulolu hlu ayekade enikezwe izinyanga eziyisithupha ukuba aqashe amabhasi azohambisa abantu bangakubo emcimbini.
“Umnqamulajuqu wawukade ungoMeyi kepha wabuye walulwa, kwaba isekupheleni kukaJuni. Lokhu kusho ukuthi la bantu bahluleke noma sebelulelwe ngenyanga.”
UTambo uthe la malungu azothathelwa izinyathelo emva komcimbi.
Uhlu lunamagama angaphezu kuka-300.
Abalelwa ku-100 amakhansela akomasipala baKwaZulu-Natal avela kulo luhlu.
Phakathi kwamagama amakhansela aKwaZulu-Natal aqaphelekayo avela kulolu hlu, kukhona ilungu lesigungu esiphezulu kwi-EFF eliyikhansela kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabane Miya, usihlalo we-EFF esifundeni iZululand obekade eyiphini lemeya kuMasipala wakulesi sifunda, uMnuz Thulani Ndlovu, kube iphini lemeya kuMasipala waKwaNongoma uMnuz Sabelo Nkosi.
UMiya uthe kungenzeka ukuthi kube khona iphutha kubantu abebehlanganisa uhlu.
“Mina ngalikhokhela ibhasi ngoMeyi, ngosuku lomnqamulajuqu wokuqala. Ngaze ngathumela nohlu lwabantu abazogibela ibhasi.”
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe uMiya uthe usendleleni ebheke khona emcimbini.
“Mina anginankinga, njengamanje ngisesikhumulweni sezindiza.”
UNdlovu wenqabile ukuphawula ngalolu daba.
“Lo luhlu lukhishwe ubuholi bukazwelonke, ngakho ke yonke imibuzo kufanele ibhekiswe kubona.”
Imizamo yokuthola uNkosi ukuze aphawule ayizange iphumelele.
Kanjalo nemizamo yokuthola uTambo ukuze aphawule ngezinsolo zokuthi uhlu lwabo lunamaphutha, ayizange iphumelele.