ABHIKISHE ngaphandle kwePhalamende izolo amaqembu ezepolitiki i-DA ne-ACDP echitha umthethosivivinywa wezikole, ofaka ukwenza kube yimpoqo ukuthi imfundo iqale kwaGrade R.
La maqembu abevele engahambisani nokugunyazwa kwalo mthethosivivinywa yikomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende, elihambisana nezichibiyelo ezenziwe kulo mthetho.
UMnuz Baxolile Nodada, okhulumela ezemfundo kwi-DA, uthe bamashe ngoba bengahambisani nokuthi iPhalamende liphasise lezi zichibiyelo ngoba zizophuca amandla izigungu ezilawula izikole, zinike amandla uMnyango.
Uthe bazolwa kuze kufike eNkantolo yezoMthethosisekelo ngoba ngeke bathule abazali bephucwa amandla.
“Sixhumana nezinye izinhlangano ezinganeme ngalokhu. Sifuna ukuhlanganyela nazo zonke lezi zinhlangano uma sesiya enkantolo.”
Uthe i-ANC ifuna ukuqhubeka ilawule izikole ngokwedlanzana.
“Asihambisani nokuthi izigungu zabazali ziphucwe amandla okunquma ulimi okumele lufundwe esikoleni. Akumele kube yinhloko yomnyango ezonquma ngalokhu.
Asifuni futhi ukuthi ama-SGB aphucwe amandla okunquma uma isikole sesigcwele, kuthiwe akube ngumnyango ozosho uma isikole sesigcwele.”
Uthe abafuni umnyango ulawule indaba yalabo abazifundisela izingane zabo emakhaya, njengokuthi kunqume wona ngohlelo lokufunda kulezi zingane.
“UMnyango ufuna uGrade R ube yimpoqo kodwa awunayo imali yokwenza lokhu. Kudingeka u-R12 billion ukuze ukwazi ukufeza leli phupho.”
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe abangabazi ukuthi iPhalamende lizokuphasisa ukuchitshiyelwa kwezigatshana zomthetho wezikole ukuze kuqhubeke iphupho lokuvula amasango ezemfundo kuleli.
Uthe bayahambisana nezichibiyelo ezithinta ukwenza kube yimpoqo uGrade R, ukushushisa abazali abangaqinisekisi ukuthi izingane zabo ziya ezikoleni, ukungadayiswa kotshwala ezikoleni noma kuthiwa kunemicimbi, kanjalo nokuvalwa kwenduku unomphela ezikoleni.
“Siyahambisana nokuthi umnyango yiwona okumele unqume uma isikole sesigcwele, nolimi okumele lufundwe kuleso sikole. Asingabazi ukuthi amalungu e-ANC ePhalamende azovotela ukuhambisana nalezi zichibiyelo.”
Silobe izolo iPhalamende lisavotela ukuchitshiyelwa kwalo mthetho.