I-DA ithi imeya yaseJohannesburg entsha, uMnuz Kabelo Gwamanda, yisichuse se-ANC, ne-EFF. Ithi ayinawo amagalelo afanele okwenza umsebenzi. UGwamanda ukhethelwe kwesobumeya emhlanganweni womkhandlu obubhekwe ngabomvu.
UGwamanda we-Al Jama-Ah, wehlule uDkt Mpho Phalatse weDA, noMnuz Funzile Ngobeni we-ActionSA, abebegaqele isikhundla. UDkt Phalatse uke waba yimeya kodwa waketulwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe. UGwamanda uthatha izintambo kuzakwabo abanaye eqenjini uMnuz Thapelo Amad, ohlale isikhathi esincane wesula esikhundleni.
USihlalo weDA eGauteng, uMnuz Fred Nel, uthe abeneme ngokukhethwa kukaGwamanda oqokwe yisixaxa se-ANC ihambisana ne-EFF.
“Kuyinhlekelele ukukhethwa kukaGwamanda ngoba uyisichuse se-ANC ne-EFF futhi asiboni ukuthi unawo amakhono afanele ukwenza umsebenzi omhlalele. Kufanele kube nozinzo, umphakathi ubuyelwe yithemba futhi kube ngumuntu onekhono elifanele emsebenzini,’’ kuchaza uNel.
UGwamanda uyimeya yesithupha kulo masipala, njengoba kulokhu kuphekwa kuthululwa izimeya.
Khonamanjalo iMeya kaMasipala uThukela, KwaZulu- Natal, inkosi Ntandoyenkosi Shabalala, isindile ezembeni ngesikhathi kuvotelwa ukungabethembi ubuholi bayo. UMasipala uThukela usezandleni ze-IFP kanti i-ANC namanye amaqembu bebeqhuba umkhankaso wokuthi iketulwe imeya