INHLANGANO yamazwe ase-Afrika i-African Union imemezele ukuthi izohlola 'ikhambi' le-Covid-19 laseMadagascar njengoba selithengwa emazweni ahluka hlukene kulelizwekazi nakuba iWorld Health Organisation (WHO) ingakakuqinisekisi ukusebenza kwalo.
NgoLwesithathu uphini likaSihlalo we-African Union (AU), uMnuz Kwesi Quartey ubhale ekhasini lakhe kuTwitter ukuthi: "ungqongqoshe wezeMpilo eMadagascar usevumile ukusebenzisana ne-African Union ne-Africa Centre for Disease Control ukuhlola ikhambi leCovid-19 abalisebenzisayo ukuze kuhlomule izwekazi lonke."
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/MadagascarCure?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#MadagascarCurethrough its Ministry of Health, has agreed to collaborate with the @_AfricanUnion and @AfricaCDC to explore further, the remedy they have discovered for the treatment of #COVID19 to benefit the continent at large. pic.twitter.com/Uf7SseUL2o
— Kwesi Quartey. (@AU_KwesiQuartey)
I-AU ngoMsombuluko ithe isazama ukuxhumana neMadagascar ngemininingwane ngekhambi abalisebenzisayo, okubikwa ukuthi uhlobo oluthile loMhlonyane, ukuze idluliselwe kwi-Africa Centre for Disease Control ukuze lihlaziywe. EMadagascar kusatheleleke abantu abawu-212 ngeCovid-19 kanti sekusinde abawu-107 kubo. Ikhambi leCovid-19 elisetshenziswa kulelizwe lethulwe nguMengameli Andry Rajoelina ngenyanga edlule esithangamini nabezindaba.
Kumazwe ase-Africa asefake isicelo saleli khambi kubalwa iTanzania, Liberia, Republic of Congo neCentral African Republic.
Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize uthe uhulumeni waseMadagascar usuxhumene nabo ngaleli khambi wabacela ukuthi bangenelele ekuhlolweni kwalo kabanzi ngokwesayensi.
Khonamanjalo, uSolwazi wezeMpilo uSalim Abdool Karim ushaya amakhala ngaleli khambi.