PHEZU kwezinkinga zokungabhaliswa ngesikhathi kwamalungu e-ANC ahambele ingqungquthela eqhubekayo yale nhlangano eNasrec eGoli, kodwa okhulumela le nhlangano uMnuz Pule Mabe uthe bazoyisonga ngesikhathi nangosuku olubekiwe.
UMabe usho lokhu nje kunabanye ababona ukuthi ngeke isongwe ngoLwesibili njengoba namanje kunamalungu okuthiwa asabhalisa nakuba uMabe ethe seluvaliwe uhlelo lokubhalisa.
Le ngqungquthela kudingeke iguqe izolo ngoba kunenkinga yamalungu abesabhalisa.
Esithangamini sabezindaba uMabe uthe nakanjani bazoyiphothula ngosuku abalubekile le ngqungquthela ebalulekile.
Ubalule izinkinga zohlelo olusha abebelusebenzisa lokubhalisa amalungu ukuthi libe nomthelela ekutheni kubhekisiswe abahambele le ngqungquthela.
“Sisebenzisa uhlelo olusha lwamalungu esingakaze silusebenzise phambilini. Ludinga izinto eziningi ngoba uma uyilungu elingekho esimeni esihle, luyakukhahlela,” kusho uMabe.
Uthe kuyaqhubeka ukwethulwa kombiko ngesimo senhlangano wathi kuzothulwa nombiko kamgcinimafa ngesimo sezimali senhlangano.
“Yonke imibiko okumele ithulelwe ingqungquthela, izothulwa. Sethemba ukuthi sizokwazi nokuthinta udaba lalabo ababanga izikhundla eziphezulu bese bevotelwa,” kusho uMabe.
NoSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, obeveva ngokuthi kunamalungu abalelwa ku-20 abengakakabhaliswa, uthe kunezinto ezingenzekanga kulo nyaka obekuqala njengokuthi amalungu awabhaliswanga ezifundazweni.
Uthe yingakho kuba nokuphakama kwemimoya.
Ekhuluma neSABC, uDkt Gwen Ramakgopa ongumxhumanisi ehhovisi likanobhala kule nhlangano, uvumile ukuthi abayanga ezifundazweni wangafuna ukuphumela obala ngokugxeka abathinteka ekutheni kuhambe kancane uhlelo lokubhalisa.