INHLANGANO ebusayo i-ANC, ithi nakuba zikhona izinselelo kodwa yona iyaziqhenya ngokuningi ekwenzile ikhipha izwe eGibhithe ilifaka ezweni lesethembiso.
I-ANC iphawule kanjena nje izincoma ngekwenzile njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ethule inkulumo ebibhekiswe esizweni izolo ebusuku eKapa.
Ithe isivamile ukugxekwa kakhulu ngabantu beyisola ngokwehluleka wukubhekana nosizi lwabantu okuhambisa izidingo kubona ngendlela efanele.
I-ANC esitatimendeni sayo ithe iyazi ukuthi kukhona abathanda ukuziqhayisa bazibeke kangcono, bezama inhlanhla ngokugxeka kodwa uKhongolose awubaniki ithuba.
Emaphuzwini i-ANC egadla ngawo, ithe kumanje amazwe omhlaba ezwa ngayo ngoba ihamba phambili ekubekeni uvo ngezomhlaba. UKhongolose uthe nakuba kuke kwaba nenhlekelele yeCovid 19 kodwa izwe lihlabela phambili.
Ikhulume ngodaba lokulwa nenkohlakalo nokulungisa isimo sokusebenza kukahulumeni.
“Lo hulumeni ube nejoka lokuvuselela uhulumeni ukuthi ulungiswe kabusha emuva kokuthi ubukhandlwe yinkohlakalo. Ngokubambisana sekwenziwe okuningi ukulungisa isimo futhi konke esikwenzile kuzosiza ukulungisa isimo sangomuso,’’ kusho i-ANC esitatimendeni.
Kwezemfundo uKhongolose uthe wenze kahle kakhulu unyusa izinga labantu abafundile, lisuka phansi kakhulu. I-ANC ithe uhulumeni wobandlululo wawubavimbile abantu abamnyama ukuthi bangene emikhakheni esile.
I-ANC ithe iyaziqhenza ngezikole okufunda kuzo izingane zithole nokudla khona futhi kunohlelo lokuthutha izingane.
UKhongolose uthe uziqhenya ngezitshudeni ezingu 1.3 million ezikwazile ukuthola uxhaso lokufunda bhusende.
Uthinte nodaba lwamathuba omsebenzi, wathi baningi abantu abathole imisebenzi kwashintsha impilo yabo.
I-ANC ithe udaba lukagesi iyazi ukuthi lunenselelo enkulu futhi kuningi okwenziwe ukubhekana nale nkinga.
Iveze ukuthi iyaziqhenya nangezindlu ezakhele abantu abahluphekayo nasezindaweni zasemakhaya, yafaka ugesi namanzi ahlanzekile.
I-ANC ithe ibhekene ngqo nempi yobugebengu, ehlalise lubhojozi izwe.
“Sinyuse nesibalo samaphoyisa ukuze abhekane nobugebengu ezweni. Kukhona namathimba ahlukene esiwasungulile ukuze abhekane nezinhlobonhlobo zobugebengu obuhlupha abantu.
Lapha sibala abavukuza ngokungemthetho, ukwebiwa kwamakhebuli, abaphazamisa ukwakha ngoba befuna imali nokunye,’’ kuchaza i-ANC.
Ibuye yathinta udaba lwemingcele yakuleli olususa umsindo omkhulu abantu bekhala ngokuthi kukwampunzi edla emini. Iveze ukuthi kwethulwe uhlaka iBorder Management Authority, okuwuphiko oluhlomile futhi lwengeza phezu kwezinye izihlaka ezikhona.
I-ANC ithe ayingabazi ukuthi ngaphansi kobuholi bukaRamaphosa kuningi izwe elikuhlomulile nelisazoqhubeka likuhlomule.