LIDUME lamthatha uMnuz Sibonelo Maphumulo, obengusomlomo kaMasipala uMzumbe, emuva kokulahlwa ngamacala ngaphakathi enhlanganweni yamxosha.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo ubikele abezindaba ngalokhu izolo eThekwini. Uthe uMaphumulo uxoshwe kwesikasomlomo naku-ANC akaselona ilungu layo.
UMaphumulo ngaphambi kokuxoshwa, kwamiswa ubulungu bakhe emuva kwezikhalo ngaye. Ubeyikhansela lewadi, okuchaza ukuthi ukuxoshwa kwakhe kuvula isikhala esizodala ukhetho lokuchibiyela.
UMtolo uthe kunamalungu ombutho amashela ehhovisi labo eThekwini, ekhala ngoMaphumulo ethi kaweneme ngendlela aziphatha ngayo. UMtolo uthe lwabe selucutshungulwa udaba, wathweswa amacala.
“Ngenxa yobufakazi obethuliwe, uMaphumulo utholwe enecala futhi kulandelwe yonke imigudu yobulungiswa naye wanikwa ithuba lokuziphendulela.
Sigculisekile ngomsebenzi owenziwe wuSihlalo weKomiti eliqondisa ubugwegwe uqabane uSuper Zuma,’’ kusho uMtolo.
Amacala akhe athinta ukwephula isifungo samalungu ngaphansi kwesigatshana 25.17.1 somthethosisekelo wenhlangano, ukwephula isigatshana 25.17.3 ngokwehluleka wukuthobela imigomo nemiyalelo yenhlangano.
Ukwephula isigatshana 25.17.12 ngokuvimba ukusebenza kwekomiti elibekwe yinhlangano. Ukwephula isigatshana 25.17.17 esikhuluma ngokudicilelwa phansi kwesithunzi senhlangano, ngaphansi kwaso okukhona izigatshana zawo okungu-25.17.17.1 okuwukuvimba imisebenzi yenhlangano.
Wephule no-25.17.17.2 ukudala uqhekeko enhlanganweni. Kuzoba isigatshana 25.17.17.3 okuwukwenza izenzo zokujivaza inhlangano nokusebenza kwayo.
Kuzoba yisigatshana 25.17.17.4.1 esikhuluma ngokusebenzisana nezitha zomzabalazo noma zenhlangano no-25.17.17.4.2 wokusebenza nelinye iqembu elinemibono ephambene neye-ANC, noma elimelene nayo. Kuzoba wu-25.17.17.4.3 okhuluma ngezobunhloli nezokuphepha.
Kuvela no-25.17.17.2.4 Okhuluma ngelungu eliphazamisa noma elivimba imisebenzi yenhlangano.
Kuze kuvele nesigatshana 25.17.20 esikhuluma ngelungu eliphule imigomo yesivumelwano salo sokujutshwa yinhlangano. Kuzoba yisigatshana 25.17.21 esikhuluma ngelungu elisuke linqaba ukulandela umyalelo wekhokhasi.
Bese kuba yisigatshana 25.17.22 esikhuluma ngokumelwa kwelungu uma liqondiswa ubugwegwe. UMtolo uthe baphezu komsebenzi wokuthi kukhethwe usomlomo omusha futhi lokhu bafuna kwenzeke ngokuthula ukushesha ngoba ngeke kubekezelelwe ukungaziphathi ngendlela.
UMtolo uthe iwadi ngeke isale dengwane kodwa bazojuba umuntu ozosebenza ngesikhathi kusalindwe ukhetho lokuchibiyela.