I-ANC eThekwini seyiphumele obala yawachitha njengamampunge amahlebezi okuhlangana namaqembu aphikisayo ukuketula uSomlomo wayo eMkhandlwini weTheku.
Kusasa kumele kuhlangane uMkhandlu weTheku ngothi lwawo. Okunye okumele kudingidwe, wukungabethembi ubuholi bukaSomlomo emkhandlwini, uMnuz Thabani Nyawose.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNyawose siholwa yiqembu, i-African Democratic Change kaMnuz Visvin Reddy.
Ebuzwa ngokuhlangana ne-ANC ukuze kuchithwe uNyawose emhlanganweni wakusasa, uReddy uthe ngamanga lawo, lesi yisiphakamiso ese-ADeC kuphela, kangangoba kwayena akaze axoxe namanye amaqembu ukuthgi ameleleke esiphakamisweni sakhe.
“Iqiniso wukuthi uNyawose uyamhlula lo msebenzi. Empeleni uyihlazo ngisho nakwi-ANC. Uma amaqembu aphikisayo eveza amaphuzu athize, uvele awavale.
Okunye okwenza sithi makaphume wudaba oluthinta iMenenja kaMasipala, uMusa Mbhele, avele waqoma ukuhambisana nayo yize sasisho ukuthi uyambandakanyeka ekwenzekeni kwenkohlakalo.
Asijabulile neze futhi ngendlela aphethe ngayo imihlangano,” kulandisa uReddy ongeze ngokuthi bona bafuna ushintsho manje.
I-ANC esifundeni iTheku, ngomlomo kaMnuz Mlondi Mkhize, iphawula ngodaba lokuhlangana namanye amaqembu ukuchitha uNyawose, ithe lawo ngamampunge futhi akukaze kufike kubona ukuthi kunamalungu ayo asehlangane namaqembu aphikisayo ukuchitha uNyawose ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
“Uma kunomuntu wethu okumele simshintshe akudingi ukuthi size sihlangane namaqembu aphikisayo. Siyahlangana nalabo esiphethe nabo umkhandlu sibazise ngaleso sinqumo esizimisele ngokusithatha.
Okwamanje sijabulile ngomsebenzi kaNyawose. Okunye okumele kukhunjulwe wukuthi uNyawose uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC esifundeni iTheku.
Uma kunamalungu e-ANC ayingxenye yale nto okukhulunywa ngayo, sicela ahlehle ngoba i-ANC kayikuthandi lokho akwenzayo,” kuphawula uMkhize egcizelela ekutheni bona bayamthemba uNyawose futhi uwenza kahle umsebenzi wakhe.
Imizamo yokuthola uNyawose kayiphumelelanga njengoba ethumele umyalezo ngeWhatsApp othi: “Angiphilile ngisesibhedlela. Udokotela ungiyalele ukuthi ngiphumule,”kubeka uNyawose ngamafuphi.