BAGXEKA ukubulawa kwabasebenzi abasophikweni lwamanzi komasipala abahlukene kuleli, nasezinhlanganweni ezihlinzeka ngamanzi.
Isikhalo sidalulwe yilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz David Mahlobo, oyiphini likaNgqongqoshe lezaManzi nokuThuthwa kweNdle, esithangamini nabezindaba izolo emuva komhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC obuseGoli. Isigungu besibhunga ngezinto ezehlukene okubalwa nenkinga yamanzi, ukwakha amathuba emisebenzi, nokufukula umnotho.
UMahlobo uveze ukuthi bakhathazekile nangezinkampani ezifuna ngodli ukukhokhelwa imali zingasebenzanga ngoba zithi imali eyokuvikela ukuze umsebenzi ukuze uqhubeke ngendlela.
“Kunenqwaba yabasebenzi asebebulewe komasipala abahlukene ophikweni lwamanzi njengaseThekwini, nakwamanye amabhodi ahlinzeka ngamanzi. Iyasikhathaza eyokubulawa kwabasebenzi, nokusatshiswa kwalabo abahlinzeka ngamanzi nsuku zonke.”
Ucacisele umphakathi ngokuthi kumele wazi ukuthi amanzi alethwa yizimoto zamanzi, awadayisi.
“Nawo amanzi alethwa yizimoto kumele ahlanzeke, kungabikhona isimo sokuthi kukhona ophonse inabukeni lengane phakathi. Abantu kumele baphuze amanzi ahlanzekile.”
Ukhale nangokuthi omasipala ababalelwa ku-105 bayahluleka ukuhlinzeka imiphakathi ngamanzi. Uveze ukuthi bakhathazekile ngokucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi kuleli.
“Abenza lokhu kumele bathathelwe izinyathelo. Sithathe isinqumo sokuthi sisebenzisane nabezomthetho, sibe nohlelo lwezokuphepha kanjalo nokuvikela ingqalasizinda yamanzi ngoba kukhona abayicekela phansi, umphakathi ugcine ungasawatholi amanzi.”
UMahlobo uthe kunenkinga yokuvuza kwamanzi ngenxa yokuthi ingqalasizinda isindala.
“Amanzi amaningi okumele ngabe aya emphakathini agcina engasafinyelelanga ngenxa yokuvuza, aphelela emhlabathini. Kodwa omasipala kudingeka bawakhokhele la manzi agcina engafikanga emphakathini ehlukene. Enye inkinga ukuxhunywa kwamanzi ngendlela okungeyona, okuyinto eyenza ukuthi amanzi amaningi alahleke noma agcine engasakhokhelwa. Ngenye yezinkinga esibhekene nazo.”
Ubuye wakhala nangenkinga ehlupha abantu abaningi, indaba yesikweletu nokukhokhelwa kwamanzi.
“Kunenkinga mayelana nokuthunyelwa kwesikweletu samanzi komasipala abahlukene. Izakhamuzi zikhala ngokuthi zithola izikweletu eziphezulu ngokusetshenziswa kwamanzi.”
UMnuz Sihle Zikalala uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, uthe mkhulu umsebenzi i-ANC esiwenzile wathi kuningi nokunye okusamele bakwenze. Uthe kancane kancane bayayilungisa ingqalasizinda wathi nemigwaqo bayayifaka itiyela.
“Kwabanye omasipala abaphethwe amanye amaqembu ezepolitiki ayahluleka ukuhlinzeka abantu ngamanzi. Uyazikhulumela umsebenzi we-ANC kule minyaka edlule ngokuhanjiswa kwezidingo.”