UKHONGOLOSE uthi kunesimanga esizokwenzeka esizodala inhlokomo enkulu emcimbini wayo wokwethula izethembiso zokhetho enkundleni iMoses Mabhida.
IPhini likaNobhala-Jikelele, uNkk Nomvula Mokonyane, lisho lokhu ngesikhathi ithimba labaholi lihlola inkundla yomcimbi.
Umkhankaso we-ANC uzoholwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ozokwethula inkulumo yosuku.
Inkundla iMoses Mabhida ibonakala iwumfula lapho ziphuza khona zonke njengoba amaqembu esina ededelana kuyo. I-ANC yelama i-EFF esivele ibuya khona eMoses Mabhida, yethula izethembiso zayo.
I-ANC izokwelanywa yi-IFP ngoMashi 10, nayo ezobe isenkundleni efanayo yethula izethembiso zokhetho. Kulindeleke ukuthi kube matasa eMoses Mabhida, kudanswe kuculwe kube njeyaya uma uKhongolose sewethula izethembiso zawo.
Ithimba ebeliholwa nguNobhala-Jikelele, uMnuz Fikile Mbalula, lichazele abezindaba ngamalungiselelo omcimbi. I-ANC ihlela umcimbi ezoba inekela kuwo abantu bakuleli izethembiso zayo zokhetho.
Ithimba liqede ukukhuluma nabezindaba lase lehla lenyuka enkundleni laze langena phakathi otshanini lihamba likhomba, lichaza ngokuzobe kwenzeka. Kulapho-ke uNkk Mokonyane aveze khona ukuthi kuzokwenzeka isimanga thizeni.
“Kukhona into enzima kabi enizoyibona uma umengameli eqeda ukusho isiqubulo sethu esithi ‘Ayihlome ihlasele!’ Kuzokwenzeka isimanga esingachazeki kodwa yinto enizozibonela yona,’’ kusho uNkk Mokonyane ehleka kancane.
Bathe abezindaba bezama ukumshishibeza ngemibuzo ngemfihlo, wanqaba wangafuna ukuchaza. Kuze kwenanela uMbalula encokola ethi wuyena ozokwehla ngentambo esuka phezu kwenkundla.
Kube yinsini yodwa emuva kwalokho, besho khona ukuthi kuzobonakala izimanga zikaMichael Jackson. Basho kanjena nje, uMengameli we-EFF, uMnuz Julius Malema, wake walandelwa yinhlokomo ekhuphuka ngomshini thizeni esteji enkundleni i-FNB.
Abaholi be-ANC bathi benze konke okusemandleni ukuhlela nokunxenxa abantu ukuze inkundla igcwale kusasa. Bathe balindele abantu abacela ku-75 000 abazohlala, abanye bahlale enkundleni otshanini bese abanye behlala endaweni engaphandle.