I-ANC KwaZulu-Natal isiqoke ithimba elizobheka ukuthi abaholi abajutshelwe ezikhundleni eziphezulu bayazihambisa izidingo emphakathini.
Leli thimba alizobhekana nalo msebenzi kuphela kodwa lizobheka nempilo ephilwa ngabaholi abajutshiwe.
Lokhu kuvezwe nguNobhala we-ANC uMnuz Bheki Mtolo, ngoLwesibili esithangamini sabezindaba ngemuva komhlangano wesigungu esiphezulu sesifundazwe.
UMtolo uthe baqoke leli thimba ukuqinisa umsebenzi wekomiti elibhekele ubuqotho bamalungu.
Uthe baqoke oMnuz Sipho Magwaza ongumgqugquzeli waleli thimba, ozosizwa ngoMnuz Willies Mchunu, Sipho Gcabashe noNkk Weziwe Thusi.
“Bonke abaholi kuzona zonke izinhlaka kumele bavele phambi kwaleli thimba. Lizobheka ukusebenza kwabaholi abajutshiwe ukuthi izidingo bayazihambisa.”
Uthe ingqungquthela ye-ANC yanquma ukuthi kumele kuliwe nenkohlakalo futhi isumpulwe nezimpande zayo esifundazweni.
“Lizobheka nempilo ephilwa ngabaholi kanjalo ligqugquzele nokuthi kubikwe inkohlakalo. Ngale ndlela sifuna ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni esiwuholayo umsulwa.”
Uthe ngeke bayibekezelele inkohlakalo wathi uma ibikwa bazosebenza ngamandla ukuyiqeda.
UMtolo uthe bayaqhubeka nokuhlinzeka ngezidingo emphakathini wesifundazwe.