NJENGOBA kunezingxoxo zokwakhiwa kwesiShayamthetho esisha, iqembu i-ActionSA seliphumele obala lathi asikho isidingo sokumosha imali ngokwakha kabusha isiShayamthetho eMgungundlovu, ngoba vele sikhona esingenalutho futhi esisezingeni Olundi, esasisetshenziswa uhulumeni waKwaZulu.
Engxoxweni ekhethekile nomholi we-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe isimo sezwe ngakwezomnotho asikuvumeli ukubhubhudlwa kwemali ngalolu hlobo.
“Njengoba sinaso isiShayamthetho Olundi, yisiphi isidingo sokuthi sibe nesinye esisha?” kubuza uMncwango.
Njengamanje kungaba ukumosha imali ukwakha isiShayamthetho esisha sikhona esingasebenzi. Uthe ukuba khona kwesiShayamthetho eZululand kuzonyusa umnotho wendawo yasemakhaya.
“Amahhovisi esiShayamthetho eMgungundlovu siyawakhokhela ngoba aphethwe ngabantu abazimele, kanti Olundi awahulumeni. Lena enye yezingxoxo esizimisele ngokuba nayo namaqembu esizosebenzisana nawo ngemuva kokhetho,” kusho uMncwango.
Ayiqali ukuba khona inkulumo yesiShayamthetho nendawo lapho kumele sibe khona. Ike yaqhamuka phambilini, abanye bekhala ngokuthi kukude Olundi, abanye bebuza ukuthi kukude uma usuka kuphi ngoba ngokukahulumeni imiphakathi iyalingana.
Kwenzeka lokhu nje, inkulumompikiswano isezingeni eliphezulu nasePhalamende elikhulu eKapa, njengoba kukhona abathi alisuswe liyiswe ePitoli #isolezwengempelasonto