I-ACTIONSA ikhale ngobuxoki kozakwabo abayingxenye yesivumelwano sokukhipha i-ANC emandleni ngesikhathi imemezela ukuhoxa kwayo kulesi vumelwano esasayinwa ngonyaka owedlule.
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe banqume ukuphuma esivumelwaneni ngenxa yokuthi amaqembu abebekhankasa nawo ngokuthi bafuna ukukhipha i-ANC emandleni asecula elinye iculo.
UMashaba uthe amanye ala maqembu asexoxa ne-ANC, ngenhloso yokufinyelela esivumelwaneni sokusebenzisana.
I-ANC yehlulekile ukuthola izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela, njengamanje ixoxa namanye amaqembu ngenhloso yokuthola isivumelwano sokusebenzisana.
Amaqembu ayingxenye yesivumelwano sokukhipha i-ANC emandleni ahlulekile ukuthola izihlalo ezanele ukuthi akhiphe i-ANC emandleni.
UMashaba uthe emva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho, ozakwabo abebeyingxenye yesivumelwano bavele bagijimela ukuyoxoxa ne-ANC, nathe kuphambene nemigomo abazibekela yona ngesikhathi besayina isivumelwano.
“Samangala ngesikhathi sibona amaqembu esinesivumelwano nawo esexoxa ne-ANC. Ngalesi senzo baphula isethembiso abasenza kubantu bakuleli ngesikhathi sikhankasela ukhetho. Ingakho thina sikhethe ukuhoxa.
“Asikwazi ukubavimba uma befuna ukuyoxoxa ne-ANC, kuyilungelo labo. Kodwa ke lento abayenzayo iphambene nalokhu esavumelana ngakho. Ingakho sithe asikwenze kube semthethweni ukuhoxa kwethu. Ngeke silokhu sitetema, abaqhubeke nabakwenzayo. Ingakho sihlehla, khona bezokwazi ukuxoxa nanoma iliphi iqembu abafuna ukuxoxa nalo.”
UMashaba uthe abafune lutho oluzobahlanganisa ne-ANC.
“Sizimisele ngokuba yiqembu eliphikisayo kunokuba sisebenzisane ne-ANC.”
I-ActionSA ithole izihlalo eziyisithupha ePhalamende.
UMashaba nosihlalo kazwelonke we-ActionSA, uMnuz Michael Beaumont, abazokuya ePhalamende.
UMashaba uthe bathathe isinqumo sokuthi bangayi ePhalamende ukuze bagxile ekukhuliseni iqembu.
“Ukhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026 seluseduze. Sifisa ukuthi ukhetho lufike silulungele. Siyazi ukuthi ukhetho lohulumeni basekhaya ngeke lube lula. Yingakho sikhethe ukuthi sisheshe siqale ukulungiselela ukhetho.
“Ukuba yilungu lePhalamende kudinga isikhathi esiningi. Ugcina usuphoqeleka ukuba ukhethe phakathi kokuhambela umhlangano wasePhalamende nowomphakathi. Mina ngikhetha ukuhambela umhlangano womphakathi. Yingakho ngikhethe ukungayi ePhalamende.”
Ithimba le-ActionSA ePhalamende lizoholwa owayeyimeya yoMasipala waseNelson Mandela Bay, uMnuz Athol Trollip.
Kuleli thimba kukhona nekhansela laseThekwini, uMnuz Alan Beesley.
UMashaba uthe uyalethemba ithimba abalithumele ePhalamende.