I-IFP isiphinde yenza ezinye izinguquko kubuholi bomasipala waseBaQulusi.
Lokhu kuza emva kokwehliswa esikhundleni kobengusomlomo walo masipala, uMnuz Michael “Mkhonyovu” Khumalo, okuvela ukuthi usezokuba yilungu lesigungu esiphezulu kuMasipala wesiFunda iZululand.
UKhumalo uthumele incwadi yokushiya kwakhe ngoLwesibili.
UKhumalo uke waba sematheni ngonyaka owedlule emva kokuthi ethembise ukufaka emsebenzini ilungu lomndeni wekhansela elingasekho, wathi kofanele kuxoshwe umsebenzi oyi-ANC uma singekho isikhala somsebenzi.
Isolezwe lithole ukuthi isikhala sikaKhumalo sizovalwa uNksz Nonkululeko Ndlela, obekade eyilungu lesigungu esiphezulu kuMasipala wesiFunda iZululand.
Umhlangano wokukhetha imeya entsha uzokuba ngesonto elizayo lapho kulindeleke ukuthi kuphinde kukhethwe imeya entsha.
Umhlangano womkhandlu oyisipesheli uzokuba ngoLwesibili lapho kulindeleke ukuthi isishoshovu senyunyana yabasebenzi bakamasipala, i-Imatu, uMnuz Khehla Mkhwanazi, agaxwe amaketango obumeya.
Lomasipala ubusuhlale izinyanga ezintathu ungenayo imeya kulandela ukuxoshwa kukaMnuz Ntokozo Maphisa, owakhonjwa indlela emva kokusabalala kwenkulumo yakhe eqoshiwe lapho ezwakala eqoshamisa ulimi emhlanganweni nabasebenzi bakamasipala.
Isikhundla sobumeya besilokhu sibanjwe uMnuz Mandla Mazibuko, oyiphini lemeya.
NgoLwesibili uMaphisa wesulile njengelungu lesigungu esiphezulu kulo masipala, isikhala sakhe sithathwe uMkhwanazi.
Umthombo osondelene nodaba uthe ubuholi be-IFP sebusithathile isinqumo sokuthi kungene uMkhwanazi noNksz Ndlela ezikhundleni ezizokube zibangwa emhlanganweni womkhandlu ozokuba ngesonto elizayo.
“Into ebinzima kwi-IFP ukuthi ibingenaso isikhala engafaka kuso uMkhwanazi lapha kwisigungu esiphezulu. Njengoba eseshiyile uMaphisa, sekulula.”
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, akaze ayiphendule imibuzo ayithunyelwe yize kukhombisa ukuthi uyifundile.
Ukungakhethwa kwemeya yalo mkhandlu bese kususe ukukhathazeka emaqenjini aphikisayo, njengoba ebekhala ngokuthi lesi simo siphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
Omunye wabebephambili ekumemezeleni ukuba kukhethwe ngokushesha imeya yalo mkhandlu, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe bajabule ukuthi izogcina ikhethiwe imeya entsha.
UNtombela, ongusotswebhu weNFP esiFundeni iZululand, uthembise ukuthi bazokuqapha ukusebenza kwemeya entsha.
“Asinandaba ukuthi ubani ozokuba imeya inqobo nje uma kuzokuba umuntu okhulele ebaQulusini nozaziyo izidingo zabantu. Sifuna ukuthi imeya entsha isheshise uhlelo lokufakelwa kwabantu ugesi, izindlu kanye namanzi.”