LIZOPHAKAMISA esigungwini esiphezulu se-ANC ikomiti lezobuqotho kule nhlangano, ngezinyathelo okumele athathelwe zona uNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uNksz Thembi Simelane, ngezinsolo zokuthi wahlomula ebhange eselawa iVBS Mutual.
Lokhu kushiwo nguNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, otshele abezindaba ukuthi nakuba sebewutholile umbiko kuNksz Simelane, kodwa kusamele ayovela phambi kwekomiti lezobuqotho elizophakamisa esigungwini esiphezulu ngokumele kwenzeke ngaye.
Usho kanje nje iyaqonga ingcindezi nokuxokozela ukuthi kumele ashenxea kulesi sikhundla kuze kuphothulwe uphenyo.
Mayelana nesikhundla sakhe kuhulumeni, ulinde uMengameli Cyril Ramaphosa, ojutshwe nguyena kulo mnyango.
UMbalula uthe bazozamukela iziphakamiso zesigungu esiphezulu.
“Yisona esizosho ukuthi kumele simyeke aqhubeke nempilo noma kwenziwe okuthile ngaye. Sizolandela yonke imigomo ekhona kanti ngasohlangothini lukahulumeni, umengameli ozonquma ngekusasa lakhe.”
UNksz Simelane ugeqe amagula ePhalamende ngeledlule lapho ekhiphe ingonyuluka ngemali engu-R575 600, ayiboleka kuleli bhange.
Uveze ukuthi le mali wayikhokha isinenzalo wathi akayibolekanga ebhange iVBS ngqo, kodwa wayiboleka enkampanini iGundo Wealth Solutions kanti wathenga ngayo indawo edayisa ikhofi eSandton.
Ubalule ukuthi le nkampani yayisebenzisana nebhange iVBS njengoba uMasipala wasePolokwane ayeyimeya kuwona, wawunobudlelwano nale nkampani.
“Ngaboleka le mali ngoba ngangifuna ukuthi ngithole umholo uma sekuphele itoho kuhulumeni. Ngafuna iseluleko enkampanini iGundo ukuze ngifeze leli phupho, yangazisa ukuthi ingakwazi ukungisiza. Ngayikhokha le mali izikhawu ezintathu, ngayibuyisa nenzalo isingu-R800 000 ngayifaka kwi-akhawunti yeGundo, angikaze ngiboleke imali ngqo kwiVBS,” kusho uNksz Simelane.
I-ActionSA ne-DA bamfuna ehlile esikhundleni uNksz Simelane.
Umholi we-Action SA ePhalamende uMnuz Athol Trollip, uthe ubhalele uSomlomo wePhalamende noSihlalo wekomiti lezobuLungiswa befuna kube nophenyo oluzimele mayelana nokuthi ngeke angenele ophikweni lwezokushushisa iNPA, uma isishushisa abathinteka odabeni lweVBS, njengoba ingaphansi komnyango wakhe.
Ufuna umengameli asheshe angenele amumise emsebenzini kuze kuphothulwe uphenyo.
UNksz Simelane uthembise amalungu ePhalamende ukuthi ngeke angenele ekusebenzeni kweNPA kulolu daba.