BULENGELWA yizembe ubuholi be-IFP kuMasipala wasebaQulusini njengoba amaqembu aphikisayo esabisa ngokuyikhipha.
I-ANC neDA basabisa ngokukhipha ubuholi be-IFP uma umkhandlu uhluleka ngukwethula umbiko okuthiwa uchaphazela iMeya Mncedisi Maphisa nePhini leMeya, uMnuz Mandla Mazibuko.
I-IFP kayizange iwunqobe ngamalengiso lo mkhandlu njengoba yathola izihlalo ezingu-21 kwezingu-45 okhethweni lohulumeni basekhaya olwedlule.Ithembele kwiDA ne-EFF ukuze ibuse umkhandlu.
I-DA iyiqembu lokuqala elisanda kusabisa ngokufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi be-IFP.
USotswebhu weDA emkhandlwini, uMnuz Swelakhe Shelembe, ongusihlalo wekomiti ebeliphenya uMaphisa noMazibuko, uthe igoda lizogqashuka phakathi kwabo ne-IFP uma umbiko ungethulwa emhlanganweni womkhandlu.
“Owethu umsebenzi akukhona ukuvikela inkohlakalo. Sifuna umbiko ulethwe emhlanganweni womkhandlu. Ubuholi be-IFP kufanele buphendule. Ngabatshela nabo ukuthi sizophoqeleka ukuthi sifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi babo, uma behlala phezu kombiko.”
Ngokuthola kweSolezwe, umbiko wekomiti waphothulwa ngoJuni kepha awukaze wethulwe emhlanganweni womkhandlu.
Phakathi kwezinsolo ebeziphenywa yikomiti, wukuthi uMaphisa wandisa isibalo sabaqaphi bakhe ngaphandle kwemvume yomkhandlu.
Ikomiti labuye lathola izikhalo ezithi umkhandlu usebenzisa imali enkulu ukuqashela imeya nephini layo izimoto abahamba ngazo.
I-ANC esifundeni iMzala Nxumalo ithe ifuna kube nomhlangano womkhandlu oyisipesheli, ozodingida isiphakamiso sokungabethembi ubuholi be-IFP.
UNobhala we-ANC esifundeni, uMnuz Ntokozo Nxumalo, usole usomlomo womkhandlu, uMnuz Michael Khumalo, ngokuhlala phezu kombiko.
“Kulezi nyanga eziyisithupha ezedlule, i-IFP iqhamuke namaqhinga ahlukene okuvimba ukuvezwa kombiko. Sekuze kwaba kahlanu amaqembu ehlukene enza izicelo zokuthi umbiko wethulwe emhlanganweni womkhandlu.”
UNxumalo uthe iyabakhuthaza eyokuthi namanye amaqembu aphikisayo asezwakalise ukukhathazeka ngokungethulwa kombiko.
“Kuyiqiniso ukuthi siphuma emaqenjini ehlukene kodwa sinenkinga eyodwa, okuyi-IFP. Kuzomele sihlangane ukuze siqede ukuzithwala kwamakhansela e-IFP.”
USihlalo we-EFF esifundeni iZululand, uMnuz Thulani Ndlovu, naye uthe kuyabakhathaza ukungathulwa kombiko emhlanganweni womkhandlu.
Kepha akazange aphumele obala ukuthi bazoseseka yini isiphakamiso sokungabethembi ubuholi be-IFP.
“Thina esikufunayo wukuthi kubuye umbiko wekomiti.”UKhumalo ukuphikile ukuthi kabafuni ukuthi umbiko wethulwe emhlanganweni womkhandlu.Usole amaqembu aphikisayo ngokudlala ipolitiki eshibhile.
“Yimina owabiza umhlangano womkhandlu, owanquma ukuthi ikomiti lezobuqotho liphenye lezi zinsolo. Akufanele bagxume sengathi yibona abasungula lolu phenyo. Badlala ipolitiki eshibhile.”
UKhumalo uthe umbiko wekomiti usuphothuliwe, kuzobizwa umhlangano womkhandlu oyisipesheli ozodingida umbiko.