AHLALELE ovalweni lokuthi ungadilika noma yinini umuzi owumxhaso kahulumeni, uwacindezele amalungu omndeni wakwaGumede eChesterville, eThekwini, nosekuphele amasonto engalutholi usizo.
AbakwaGumede bathi ngoMeyi 2, ngo-6 ntambama kwawa uthango olubiyele umuzi olwakhiwe
ngama-block, luwela odongeni lomuzi, kwavele kwabhodloka.
Lwaklaya phakathi amagumbi amahlanu alo muzi lwacekeleka phansi nezimoto ezintathu okubalwa nentsha ceke, ezazipakwe egcekeneni.
Akulimalanga muntu nakuba amalungu omndeni ayengaphakathi endlini.
Njengamanje lo mndeni ukhala ngokuba wukudla kwamakhaza nokungaphephi ezigebengwini ngoba ongaphandle uyambona ohlezi endlini, ngenxa yogabagaba lwesikhala.
Okhulumela umndeni uNksz Bongiwe Khumalo, uthe lalingani izulu ngosuku okwadilika ngalo uthango lomuzi kodwa kwaba ukuguguleka komhlabathi okwaluwisa.
“Sesihlale iminyaka eminingi kulo muzi kodwa siyaqala ukwehlelwa into enjena. Sicela usizo lokulungiselwa umuzi noma sitholelwe enye indawo yokuhlala ngoba ungadilika noma yinini phezu kwethu umuzi esihlala kuwona. Asikwazi ukuhlala endlini evulekile, engenisa amakhaza futhi ebiza nezigebengu. Sekuyophela inyanga manje sibhekene nalolu sizi,” kusho uNksz Khumalo.
UNKSZ Dudu Gumede ucela ukuthi batholelwe enye indawo ngoba bewumndeni abaphephile ngemuva kokudilika kodonga lomuzi oseChersterville, eThekwini. Isithombe: Bongani Mbatha/ANA
UNksz Khumalo uthe ngenxa yesimo sebecelele amanye amalungu omndeni indawo yokuhlala ezihlotsheni eziseMlaza.
Umnikazi womuzi uNksz Dudu Gumede oyiphoyisa elinguCaptain kuMasipala weTheku, uthe okumqoka manje ukuphepha kwabo. Uthe likhona ifulethi elikhokhelwayo abebelithenjiswe yikhansela kodwa selibatshela ukuthi amahhovisi omkhandlu okubhaliselwa kuwona avaliwe ngenxa kathaqa wezwe.
Ikhansela laku-ward 29 kuMasipala iTheku, uMnuz Mveli Mthembu, lithe liyalusukumela udaba lwalo muzi futhi selithinte izinhlaka ezahlukene emkhandlwini ukuba zilekelele.
UMthembu uthe ukuhlehla kwenhlabathi yikhona okwadiliza uthango lomuzi kwenza omkhulu umonakalo.
“Njengamanje sibafunela indawo yokufihla ikhanda. Sibheka emafulethi akhokhelwayo ngoba alukho uhlelo lokwakhiwa kwezindlu emphakathini ebengizobacelela ukuthi bafakwe kulona ukuze basuswe kule ndlu ewayo abahlezi kuyona,” kusho uMthembu.
Uthe ekupheleni kwaleli sonto uyathemba zizobe sezikhona izimpendulo eziqhamuka emkhandlwini. “Isimo asisihle neze kodwa ngizama ngawo wonke amandla ukuthi basizakale ” kusho uMthembu.