SELULWE ngamasonto amabili isikhathi sokufakwa kwezicelo zoxhaso lokulekelelwa ngemali kwabalimi uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uMphathiwa walo mnyango, uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa.
Phambilini, umnyango wawuthe ukufakwa kwezicelo kuzovalwa namuhla, kodwa muva nje usuveze ukuthi sekuzovalwa ngo-Okthoba 15 ngo-4 ntambama.
Amabhizinisi avumekele ukuthi afake izicelo ilawo asebenza kulesi sifundazwe, abhalise ngokusemthethweni ukuthi enza izinto ezithinta ezolimo.
Lolu xhaso olonyakazimali ka-2025/2026.
UNkk KaMadlopha-Mthethwa uthe ngalolu xhaso, umnyango wakhe uhlose ukuvula amathuba kwezolimo.
“Lokhu kuzosilekelela ekutheni siqinisekise ukuthi nathi siyisifundazwe siyayiklama eyethu indima ekutheni elakuleli lihlale linokudla okwenele,” kusho uNkk KaMadlopha-Mthethwa.
Uthe akuzogcina nje ngalokhu kuphela kodwa kuzolekelela nasekudalekeni kwamathuba omsebenzi kuphinde kukhulise nomnotho njengoba behlela ukulekelela lawo mabhizinisi akhombisa intshisekelo yokwenza umehluko emnothweni.
Uthe amabhizinisi afisa ukuhlomula kuzofanele ukuthi aqinisekise ukuthi ayayilandela yonke imigomo nemibandela ebekwe kwifomu yokungenela.
“Uxhaso lwehlukene kabili. Kukhona oluzofinyelela ku-R300 000 lwama-subsistence producers (abazikhiqizelayo). Bese kuba olungafinyelela ku-R2 million lwama-smallholder and commercial producers (abakhiqizela izitolo),” usho kanje.
Uthe amafomu okungenela ayatholakala emahhovisi ezolimo komasipala abehlukene, wathi abuye atholakale nakwi-website yomnyango.
Wathi labo abazofaka izicelo bavumelekile ukuyobuza ukuthi bawagcwalisa kanjani ngendlela efanele amafomu.
Uthe kubalulekile ukuthi abafaka izicelo baqinisekise ukuthi wonke amaphepha afunekayo ezicelweni zabo, bayawafaka ukuze bangakhishelwa ngaphandle ngenxa yokungenzi okufanele.
Uxwayise ngokuthi ngaphambi kokuthi lwedluliselwe lolu xhaso kulabo abazophuma phambili ezicelweni zabo, kuyohanjelwa izindawo zabo, lapho abenza khona amabhizinisi abo ezolimo ngenhloso yokuzohlola ukuthi abakushilo ngesikhathi befaka izicelo kuyiqiniso.