INHLANGANO engenzi nzuzo, iFulminate, ihambele ekhaya lezingane, Ekusizaneni Chidlren’s Home, KwaMashu, ngoMgqibelo, ukukhuthaza izingane ukungagxili esikoleni kuphela, kepha zikhuthalele nokunaka amakhono azo.
UNksz Luleka Ntanzi (21) wale nhlangano, uthe lokhu bakwenze ngenhloso yokufundisa izingane ukubhalansisa imfundo namakhono azo, okusiza kakhulu ngokuthi zingazizwa zigqilazekile emqondweni ngenxa yesikole.
“Siphinde sazikhuthaza ngokungesabi ukukhuluma ngokuzihluphayo emoyeni, zibikele abaphathi noma othisha ezikoleni uma kukhona okuziphethe kabi, noma owenza into engeyinhle kuzona,” kuchaza uNksz Ntanzi.
Ukufakazela lo mbono, uNksz Ntanzi nezikhulumi abehamba nazo osukwini, oNksz Mbali Zinyanga noNksz Talent Mathabela; abagcinanga ngezinkulumo ezakhayo kuphela - kepha badlale nezingane bazinika ithuba lokuveza amathalente azo okucula, ukudansa nokunye okuningi.
UNksz Mathabela (22) owenza iPsychology e-UKZN, uthe kumqoka ukuthi izingane zikhuthalele ukuveza amakhono zidlale nemidlalo ehlukene, ukugcina imiqondo yazo isesimeni esihle, futhi zigweme izinto ezingalungile njengezidakamizwa.
UNksz Zinyanga (21) uthe kujabulisile ukubona izingane zikhombisa ukuqonda abazichazele khona ngokugqilazeka emqondweni nokumele zikwenze ukukugwema, ikakhulu ngoba basebenzise amagama alula ukuzichazela.
UNksz Ntanzi ubonge iKwaMaSibiya’s Kitchen neNgikhona Printing ngokwenza umcimbi wabo ube yimpumelelo, wase ethembisa ukuthi bazoqhubeka nezinhlelo ezifuze lolu nakwezinye izindawo esikhathini esizayo.