ABEDINGA abafundi abazilungiselele ngokwanele amaphepha abebhalwa ngabafundi bakwa-matric izolo, ngoba abengelula ngaleyo ndlela.
Lokhu kuvezwe abanye abafundi ngesikhathi Isolezwe lihambele esikoleni iChesterville Secondary, ukukhuluma nabafundi baleli banga njengoba bekubhalwa amaphepha, okungelesibili leMathematics, iMaths Literacy neTechnical Mathematics.
Yize abakhulume neSolezwe beveze ukuthi la maphepha abebhaleka, kodwa bakuvezile ukuthi kukhona lapho abahlangabezane khona nobunzima kweminye imibuzo.
U-Aphiwe Khumalo (17) waseChesterville obebhala iMaths, uthe nakuba kubhalekile kodwa okumenze wathwala kanzima ukuthi ubethukile ngesikhathi ebhala.
“Khona kubhalekile yikhona nje ukuthi i-Maths yiMaths. Kunombuzo engigcine ngingawuqedanga, kodwa ngicabanga ukuthi belingalikhuni kangako kodwa kube ukwethuka nje okungiphazamisile,” usho kanje.
UNobuhle Velaphi (17) waseChesterville ofunda kusona lesi sikole obebhala iMathematics Literacy, uthe ukuzilungiselela ngokwanele kumenze wazishibilikela ngesikhathi ebhala lesi sifundo.
“Ngiqede ukubhala ngaphambi kwesikhathi. Iphepha belingamahora amathathu kodwa ngiqede kusasele ihora kuphele isikhathi ebesinqunyiwe. Ngingasho nje ukuthi ngokwami, belilula kakhulu,” usho kanje.
USibusiso Hlengwa (17) waseLovu, uMnqobi Ntenza (18) waseChesterville u-Alwande Radebe (18) waseRidgeview noSiduduzo Makhathini (18) waseMayville bonke abenza iTechnical Mathematics bathe abahlangabezananga nazinkinga ezitheni ngesikhathi bebhala leli phepha.
USiduduzo uthe nakuba libhalekile kodwa kukhona lapho ahlangabezane nenkinga komunye umbuzo.
“Kube nomdwebo engingawuqondi kahle embuzweni wesihlanu. Lona belibhaleka ikakhulu uma ufundile futhi uzilungiselele ngokwanele,” kusho yena.
Namuhla, kubhalwa iphepha lokuqala lesiZulu, isiXhosa, isiSwati, isiNdebele nele- Sign Language azobhalwa ekuseni. Kuzothi emini kubhalwe iphepha lesibili le-Economics.