LINGENE ebhokisini labasolwa lama phuhle, livathe umnazaretha, iphoyisa eliboshelwe icala lokushaya unina ngepulangwe elalinezipikili washona.
UConstable Lungisani “Mazambane” Xaba (48) ubevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
UXaba, osebe yiphoyisa kusuka ngo-2010, ube esetshela imantshi ukuthi akaphilile, uyagula.
Usolwa ngokushaya kanzima abulale unina uNkk Greta Xaba (81) owayehamba ngesihlalo esinamasondo ngenxa yokukhubazeka.
Isigameko senzeka emzini kanina kaXaba, KwaDabeka, ngoMeyi 6, 2022.
IMantshi uSiphiwe Hlophe ibe isihlehlisa icala yathi uXaba uzobuyela enkantolo ngasekupheleni kukaFebhuwari eseluleme.
UHlophe uthe uXaba uzothola nesikhathi sokuthi axoxisane nommeli wakhe okuvela ukuthi usengowesihlanu ukumumela kuleli cala. Uphume enkantolo eqhutshwa amaphoyisa embuyisela ezitokisini nomnazaretha wakhe.
Inkantolo isisichithe kabili isicelo sebheyili kaXaba yabeka ukuthi uyabazi ofakazi nakuba ayelandula.
Waboshwa ngoMeyi 7, 2022, wabekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza, elashintshwa laba ngelokubulala sekushone unina ngoMeyi 8.
Enkantolo bekukhona amalungu omndeni kaXaba nodadewabo omncane, uNksz Andile Xaba.
UNksz Xaba uthe baphatheke kabuhlungu kuhlehla icala ngoba bafuna ukubona isiphetho.
UNksz Xaba uthe badonsa kanzima futhi basele dengwane uXaba esebaphuce unina obeyinsika yekhaya bethembele kuyena.
“Yize umama ubena-81 futhi ehamba ngesihlalo esinamasondo kodwa ubesho lukhulu kithina enendima abeyidlala. ULungisani wayemhlukumeza umama. Wake wamkhomba ngesibhamu, wadubula kwasho ukuthi inhlamvu yinye yashaya phansi,” kusho uNksz Xaba ngosizi.
Ulandise wathi bekungekuhle ukuhlala nomsolwa emndenini oseke wahamba wayoqasha emuva kokushiya angalazi kunina.
Kuthiwa kwakungu-2019 ebuya emqashweni ephethe uR6 000 awunika unina efuna enze umsebenzi ukuze bakhumelane umlotha.
“Wathi uR5 000 owokwenza umsebenzi ngoba kwakunguJulayi, yena uyiNazaretha wayengeke akwazi ukuwenza. Wathi uR1 000 umupha wona. Ekuhambeni kwesikhathi ubelokhu eyifuna le mali, nebala umama wambuyisela yonke,” kuchaza uNksz Xaba.
Kuthiwa udaba lukaXaba lokuhlukumeza unina lwase luyindaba eyaziwayo emphakathini kangangoba kwathiwa umufi akangabe esamvulela kwakhe. Kuthiwa umsolwa wabulala iwindi lasekhishini wangena ngalo nentombi yakhe ngosuku lwesigameko.
UNksz Xaba uthe bewumndeni abazi ukuthi umsolwa wambulalelani unina, yingakho bengaphuthi enkantolo hleze livele iqiniso.