BELAZI ukuthi impilo yalo isengcupheni ikhansela lakuMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnuz Innocent “Killer” Mkhwanazi, osocongwe ngoMsombuluko ebusuku.
Umndeni wakhe uthe ubesenqume ukuzitholela abaqaphi ngoba nakhu ebona ukuthi akaphephile.
UMkhwanazi uvinjezelwe ngamadoda ahlomile ngesikhathi ebheke emzini wakhe oseNordale, eMtubatuba.
Kulesi sigameko kulimale abaqaphi bakhe ababili kanye nomunye umuntu wesithathu obezidlulela.
UMkhwanazi ubeyilungu eliqavile le-IFP esifundeni uMkhanyakude.
Emva kokhetho lohulumeni basekhaya wake waqokwa njengephini lemeya yalo mkhandlu kepha ukuqokwa kwakhe kwabuye kwachithwa yisinqumo senkantolo.
Udutshulwe umdonsiswano wokuhola lo masipala usesenkantolo.
Ilungu lomndeni ebelisondelene noMkhwanazi, uMnuz Johan Mkhwanazi, lithe kubethusile ukusocongwa kukaMkhwanazi.
“Lena yinto esizumile, sibuhlungu kakhulu. Umndeni ukhathazekile ngoba lena bekuyindoda ebiwuthanda kakhulu umndeni wayo. Angazi ukuthi ngingathini.”
UJohan uthe uMkhwanazi ubazi ukuthi impilo yezepolitiki yakhelana izitha.
“Ngokubukela impilo yakhe, waze wakhetha ukuqasha abantu abazomgada. Ubeyazi impilo yepolitiki ukuthi injani, phela lena yindoda ebisebenza ngokuzimisela. Ulisebenzele kakhulu iqembu.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanye namathathu okuzama ukubulala.
“Sinxusa noma ngabe ubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabathintekayo kulesi sigameko ukuba afonele amaphoyisa.”
Ukubulawa kukaMkhwanazi kuza kungakapheli sikhathi esingakanani kubulewe ikhansela lakuMasipala waseMhlathuze, uMfundisi John Myaka, osocongwe ngeledlule.
Lokhu sekuholele ekutheni amaqembu ezepolitiki anxenxe ukuba kuqiniswe ezokuphepha kosopolitiki.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe lesi simo siyakhathaza ikakhulukazi njengoba kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo.
“Siyasigxeka kakhulu lesi sigameko. Isenzo esifana nalesi asakhi isithombe esihle ngezwe lakithi kanye nentando yeningi.”
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, unxuse ukuba uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi, ukuba balusukumele udaba lokusocongwa kwamakhansela.
URodgers uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi amakhansela amaningi asocongwayo aqhamuka komasipala okungekho kuwo iqembu elithole izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela.
Usotswebhu weNFP kwisiFunda iZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe sekunesikhathi eside becela ukuthi kuqiniswe ezokuphepha kwamakhansela.
“Sifisa ukuthi kuboshwe abasolwa ngokushesha. Sifisa amaphoyisa aphenyisise, kusukela emndenini wakhe, eqenjini lakhe nakubantu abesondelene nabo.”