UKUHLASELWA nokugcwelezwa kothisha babanjwe inkunzi ezikoleni, ukugcwala kwabafundi emakilasini kanjalo nothisha abasaqhubeka nomkhuba wokuhlukumeza nokulala nabafundi, ngezinye zezinto ezibe seqhulwini engqungqutheleni ebihlelwe wumkhandlu olawula othisha kuleli, iSouth African Council For Educators (SACE).
UNkk Ella Mokgalane, isikhulu esiphezulu salo mkhandlu, uthe ziningi izinto ezidingidiwe ezithinta othisha kule ngqungquthela esongwe ngoLwesihlanu.
Uthe bekukhona zonke izinhlaka okubalwa uMnyango weMfundo eyisiSekelo nezinyunyana zothisha.
“Othisha bakhale kakhulu ngezokuphepha ezikoleni. Bayahlaselwa yizigebengu ezifike zibaphuce impahla. Abagcini nje ngokuhlaselwa yizigebengu ngisho bethi baqondisa abafundi, abanye bamane bavuke indlobane, bashise izimoto zothisha ngoba bengafuni ukuqondiswa. Ngakho bakhale ngokuthi bahlaselwa nxa zonke,” kusho uMokgalane.
Uthe othisha baphakamise ukuthi kumele kube nemigomo ezophoqa uhulumeni ukuthi abavikele uma besezikoleni.
“Indaba yokugcwala emakilasini ngenye yezinto egqamile engqungqutheleni. Kuzokhumbuleka ukuthi nangesikhathi kuhlasele iCovid-19, ezinye zezikole azikwazanga ukubuyisa bonke abafundi ngenxa yokuthi baningi kakhulu ekubeni amakilasi emancane. Ngenye yezinto evele ukuthi umnyango kumele uyilungise,” usho kanje.
Ubalule nodaba oluhlale lukhathaza lo mkhandlu, okungelothisha abalala nabafundi.
“Iyinkinga le ngoba kwesinye isikhathi kunamacala anzima kakhulu athinta uthisha otshela abafundi babafana ukuthi nsuku zonke ufuna isidoda sabo. Yinto obonayo ukuthi ingaphezu kwamandla, idinga ukuthi lowo muntu ahlolwe umqondo.”
Evula ingqungquthela uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uncome othisha wathi bangumgogodla wezemfundo.
Uveze ukuthi bafukula imfundo nangesikhathi esinzima kuhlasele iCovid-19.
“Othisha bazidela amathambo bafundisa isimo sinzima, igciwane lidlangile. Othisha basekhaleni lokulwa nobubha nsuku zonke, ukungalingani kanjalo nokuqinisekisa ukuthi abafundi bayaphumelela.”
Ukhale ngodlame olubhekiswe kothisha abagcwelezwa yizigebengu ezibaphuca impahla besezikoleni.
Uphinde waveza nokuthi abanye babafundi bahlasela othisha ngoba bengafuni ukuqondiswa, wanxusa umphakathi ukuthi ubavikele.