AMAPHOYISA abesezithendeni zabasolwa abayisithupha abathelwe phansi ngenhlamvu ngoLwesine ezigamekweni ezimbili ezehlukene, eThekwini.
Esigamekweni sokuqala amaphoyisa adubule abulala abane emqashweni ebebehlala kuwo oThweba, eCamperdown.
Kwesesibili, kuthiwa adubule abulala abangani ebebehlangene ngobugebengu ehostela eKlaarwater.
Esigamekweni saseKlaarwater, umthombo ocele ukungadalulwa, uthe ujabule umphakathi ngokubulawa kwabafi.
“Ababulewe abangani bezibongo ezimbili ezehlukene. Bese kuneminyaka behlukumeza umphakathi, bengenziwa lutho ngoba bayasatshwa. Kuthe uma kuzwakala izindaba zokudutshulwa kwabo, kwajabula wonke umuntu,” kusho umthombo.
Uqhube wathi nokho umphakathi usakhathazekile ngomunye olamana noyedwa wababulewe ngoba yena usindile.
“Sisola ukuthi ubengekho ngesikhathi kugasela amaphoyisa, kwabulawa laba abafile, wasinda kanjalo. Sikhathazekile ngoba uye obengubhongoza eqenjini ebelihlukumeza umphakathi ngobugebengu,” kusho umthombo.
Uthe oyedwa wabafi ungowokudabuka eGumbatana eHighflats, kanti wafika nomfowabo (osindile) bezohlala noyise owayenesipaza ehostela.
“Uyise wadutshulwa wabulawa eminyakeni edlule, zaqala lapho ke ukuba yizigebengu lezi zingane,” kusho umthombo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sibusiso Khwela likuqinisekisile lokhu lathi phakathi kobugebengu obebenziwa abafi, ukubamba inkunzi, ukudayisa izidakamizwa nokubulala.
“Bebenza yonke inhlobo yobugebengu obuyingozi,” kusho uKhwela.
Uqhube wathi bayintsha, ekhule ihlala kuleli hostela, bebefunda esikoleni iPhakathi Secondary.
“Bagcina bexoshwa kulesi sikole ngoba babengalawuleki, bengaziphathisi okwezingane, bedayisa nezidakamizwa,” kusho uKhwela.
Esigamekweni saseCamperdown, induna yesigodi, uMnuz Amos Shange, ithe bakhathazekile ngokwanda kobugebengu obudalwa ukwanda kwamakotishi endaweni.
“Sinenkinga yokuthi kufika abantu bacele ukubekwa endaweni, uma sebebekiwe, bakhe amakotishi, baqashise ngawo,” kusho uShange.
Uthe nakuba bekhona abantu abawasebenzisela ukusondezela umsebenzi amakotishi kodwa bayawuzwa umoya wokuthi amanye afuye izigebengu ezisuke zifuna izindawo zokucasha.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ekhuluma nabe-eNCA, uthe bese kuphele izinyanga befuna abasolwa ababulawe eCamperdown.
Uthe baqale ngasekupheleni konyaka odlule ukubalandela, kanti bebefunelwa ukubamba inkunzi izimoto zemali eKing Cetshwayo naseHarry Gwala.
“Bayiqembu elilodwa. Lisebenza nabanye abakwesinye isifundazwe esingumakhelwane. Babamba inkunzi kulezi zifunda ezimbili bese behamba beqasha amakotishi okucasha,” kusho uMkhwanazi.
Uqhube wathi babheka izindawo lapho abangeke belokhu befunwa imininingwane eminingi uma bezoqasha indawo yokuhlala isikhashana.
“Ngisho nomasitende wale ndawo ababulawe kuyo, akabazisisi kahle,” kusho uMkhwanazi.
Esigamekweni saseKlaarwater kuthiwa abasolwa bebelandelwa amaphoyisa ophiko lweNIU.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe ezigamekweni ezimbili ezehlukene amaphoyisa athole izibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni.
Uthe esigamekweni esenzeke eCamperdown, amaphoyisa adubule abulala abane, athola izibhamu ezintathu kubo.
Wathi esigamekweni saseKlaarwater, zimbili izibhamu ezitholwe kubasolwa ababili abadutshulwe amaphoyisa.
Uthe kuzo zombili izigameko, abasolwa abadubule kuqala bebhekise emaphoyiseni, abuyisela ngayo inhlamvu, basala enkundleni.