UKWANDA kwezingozi zemigwaqo nokubulalana kwabantu osekudlule nemiphefumulo eminingi kuleli, ngezinye zezigameko ezizothandazelwa enkonzweni ezokuba seMadadeni Natu Centre, eNewcastle ngo-Ephreli 1 kusumela ngo-10 ekuseni. Umgqugquzeli wale ndumezulu yenkonzo ebizwa ngeNgingufakazi, uMnuz Mandla Mtshali, uthe kuzobe kuthandazelwa ukuba kube nokuthula noxolo eNingizimu Afrika futhi abantu baphephe ezingozini zezimoto ngamaholidi ePhasika. Uthe kuzobuye kuqongelelwa imali yokutakula izingane zesikole eziphuma emakhaya antulayo nokuthenga izijumbane zokudla ukuze kunikelelwe imindeni edla imbuya ngothi.
"Sizobuye sixwayise abantu ukuba bagweme ukushayela bephuze amanzi amponjwana," kuphetha uMtshali.
Kubafundisi ababoshelwe kule nkonzo kubalwa uZipho Dube noRichard Masemola. Abaculi abazobe benandisa ngoKholeka, Sgwili Zuma, Babo Ngcobo, Vuma Zion, Andile KaMajola, Malusi Mbokazi, Nondumiso Maseko, Gugu Majola, Thulani Ndlovu, Spha & Philani, Fisoh Seni, Qiniso Down, Thembani Newcastle, Veli Nhlengethwa, Mr Q noHlengiwe. Uhlelo luzobe luphethwe uMarcia Evans Zikode noMlungisi Malevu. Abazalwane bayanxuswa ukuba bazihlinzeke ngomnikelo kaR100 noma kaR150 uma sekushaye umhlaka-28 Febhuwari kanti esangweni kuzobe kungenwa ngomnikelo kaR200.