IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubasebenzi bomkhakha wezobunjiniyela, emuva kokuthi uNgqongqoshe wezemiSebenzi uMnuz Thulas Nxes, edalule ukuthi bonke abaqashi abakulo mkhakha bazibophezela esinqumweni esasayinwa ngonyaka odlule, sokwenyusa amaholo ngo-6%.
Lokhu kuzoqala kusukela ngo-Okthoba 17 nonyaka. UNxesi usigunyazile isinqumo safakwa kwigazethi zethile okusho ukuthi sesisemthethweni ngakho akekho umqashi ozosibalekela.
Inhlangano yabaqashi abakhala ngokuthi abakwazi ukwenyusa amaholo ngo-6%, iNational Employers Association of South Africa (Neasa) ithe, izoludlulisela kubameli udaba ukuze bahlahle indlela eya phambili.
Iqhube yathi uNxesi ushicilele isinqumo kwigazethi yize abaqashi bebeke izizathu ezicacile zokuthi kungani bengakwazi ukuholela abasebenzi ngokufanayo.
Ukufakwa kwabo bonke abaqashi esinqumweni kusho ukuthi abasebenzi bazohlomula ngendlela efanayo. Abahola kakhulu okubalwa ama-artisan bazothola uR88.99 ngehora besuka kuR84.75, bese ngonyaka wesibili bahole uR93.44 ngehora bese ngowesithathu bahole uR98.11.
Abasebenzi abasemazingeni aphansi bazohola uR52.52 besuka kuR49.55 ngehora, ngonyaka wesibili bathole uR55.67 ngehora bese ngowesithathu bathole uR59.01 ngehora.
INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), izwakalise ukusijabulela isinqumo sikaNxesi yathi ikhathele ngabaqashi ababalekela ukuholela abasebenzi kahle.
Ithe yize iSteel and Engineering Industries Federation of Southern Africa (Seifsa) neConsolidated Employers Association (Ceo) bengenankinga ngokwenyusa amaholo ngo-6% kodwa iNeasa neSouth African Engineers and Founders Association (Saefa), azihambisani nesinqumo.
UNobhala Jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthe iNeasa neSaefa ziqashe abasebenzi abawu-25% emkhakheni wezobunjiniyela, ngakho kufanele ilandele izinqumo ezithathwa ngabanye abaqashi iyeke ukucindezela abasebenzi.
Wathi uyajabula ngoba imizamo yezinhlangano yokuzikhipha esivumelwanweni samaholo ichithiwe ezinkantolo, wathi abasebenzi banqobile.