KUBOSHWE abasolwa ababili ngecala lokubulala abantu abane esigcemeni sakwa-P eSoshanguve, ePitoli ngoNcibijane.
Lesi sehlo senzeka ezintatha zangomhla ka-1 ngesikhathi abantu abaningi besathokozela ukuhlukanisa unyaka.
Imibiko evela endaweni yesigako ithi abasolwa abathathu bebehlomile lo bezivale ubuso futhi begqoke nempahla evikela inhlamvu ngesikhathi besondela emotweni ebihleli abagilwa. Ababili bebephakathi emotweni, abanye bencike kuyo ngaphandle.
Kwabashonile kukhona uThandi Dlamini 33, Phomolo Malakapatlo 28, noConstable Mpho Kgobotlo 29, obesebenzela esikhumulweni sezindiza iTambo International Airport, nomshana wakhe uVuyolethu Ziwele 14.
Izidumbu zabagilwa zitholakale zidindilizile emgwaqweni, esikaVuyolethu besingasesangweni lakubo.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ababili ngoLwesibili, wathi kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eSoshanguve ngoLwesine.
Laba basolwa baneminyaka engu-30 no-33 ubudala babhekene namacala amane okubulala. Babingelele iMantshi ngoLwesine icala labo lahlehliselwa uLwesihlanu mhla ka12 lapho bazofaka khona isicelo sebheyili.
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi onikele esiteshini samaphoyisa eSoshanguve ngemuva kokuthola umbiko wokuboshwa kwababili, uncome ukusebenza kwamaphoyisa aluthathele phezululu lolu daba.
“Abasolwa ababili baboshwe ezintatha zangoLwesibili futhi amaphoyisa aveza ukuthi bakhona abanye abasazoboshwa,” kusho uLesufi.
Uthi amaphoyisa amnikeze isiqiniseko sokuthi abophe abantu okuyibonabona okuyinto abayiqinisekise ngemuva kokubaphosa imibuzo abasolwa.