ABAHLELI bendumezulu yomcimbi womculo we-reggae basemkhankasweni wokuvusa lo mculo nokugeza insila yokuthi oweqeqebana labathile kuphela. IQiqa Mzala Reggae Tour 2023 iza eThekwini kuyo le nyanga lapho iyobe iphekwa khona ngomhluzi wenye ngomculo.
Omunye wabahleli bomcimbi, uMaveriq Mavo, uthe bazimisele ngokuvuselela umculo we-reggae ngoba bakholwa wukuthi usenabo abalandeli futhi bakhona abaculi abaphila ngawo.
“I-reggae akuyona eyamaRasta kuphela kodwa wona iyingxenye yabantu abawuthandayo lo mculo. Kunenqwaba yabantu abangewona amaRasta kodwa abalalela lo mculo. Sifuna ukuyivuselela i-reggae kuleli, kuvele ithalente ngoba kunabaculi abaphila ngayo. Kuzobe kuhlangene abantu bezinhlobo ezehlukene abaqhamuka ezindaweni ezehlukene,” kusho uMaveriq.
Ihlandla lokuqala lomcimbi lizoba seCool Runnings, eThekwini, ngo-Okthoba 27, ngo-7 ntambama. Ihlandla lesibili libe seGibaland ePinetown, ngo-Okthoba 28, ngo-4 ntambama. Kunelinye ihlandla elizoba khona eGibaland ngo-Okthoba 29. Abahleli bathe amathikithi asekhona, linguR100 lilodwa uma uthenga ngezobuchwepheshe kanti kukhona nelikaR150 esangweni.
UMaveriq ungomunye wabazobe becula kukhona noBecky Muthoni, C Wyne Nalukalala, Queen Zipporah, Rastas at Work, Sizwe Zakwe nabanye.
Omunye wabahleli, uLeigh van den Burg, uthe bayazama ukuvuselela usiko lwe-reggae kodwa ukholwa wukuthi imisakazo nethelevishini ayiwudlali kahle lo mculo. Uthe kuningi okusafanele kwenziwe ukubuyisa isithunzi sawo.
“Lo mculo ulalelwa yibo bonke abantu, abadala nabancane bayawuthanda kabi. Siyafisa abantu bephume ngobuningi babo bazojabula bazitike ngomculo ngoba kukhona ngisho abaculi bakwamanye amazwe,’’ kusho uLeigh.