BAZOWUKHOMBA umuzi onotshwala abazozama ukuphazamisa umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ozokuba ngesonto elizayo.
USomlomo wesiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce, uthe ngeke bavume ukuthi kube khona amalungu azonyomfa umcimbi ozoba seMgungundlovu.
IsiShayamthetho sizovulwa ngokusemthethweni yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ngoLwesibili, bese kulandela inkulumo ngesimo sesifundazwe ezokwethulwa uNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngoLwesithathu.
Ngonyaka odlule, iSilo saphuma uNkk Dube-Ncube engakayethuli inkulumo yakhe emva kokusuka kwezidubedube.
Udweshu lwasuka emva kokuthi amalungu e-EFF efunga egomela ukuthi angeke avume ukuthi uNkk Dube-Ncube akhulume, emsola ngokuqamba amanga.
Amalungu e-EFF agcina ephuma esexhakathiswe amaphoyisa.
UNksz Boyce uthe bazobhekana namalungu azozama ukuphazamisa umcimbi wangesonto elizayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, eThekwini.
“Akukho okusha esikuhlelile, futhi ngeke ngisho ukuthi amalungu ngeke akuphinde okwenzeka ngonyaka odlule. Kodwa engingakusho ukuthi isiSshayamthethosinemithetho yaso. Ingakho kwathi uma kukhona okwenzekayo ngonyaka odlule okuphambene nemithetho, sase sisebenzisa yona imithetho ukwenza ukuba kube nenqubekela phambili. Kulo nyaka asikaze siyibuyekeze imithetho, noma sisuse lokhu okwenza ukuba sikwazi ukugcina isithunzi sendlu. Isithunzi sendlu siyohlezi sigcinwa njalo.”
UNksz Boyce uthe umcimbi walo nyaka uzodla uR3.2 million.
UNksz Boyce uthe bazokhipha unyawo emcimbini njengoba kuhlangana iminyaka engu-30 elakuleli lathola inkululeko.
“Sizothi uma senza le micimbi bese sikufaka nakho ukuthi kuphela iminyaka engu-30 sathola inkululeko. Sizobuka indlela esesiyihambile kusukela ngo-1994. Sizokhumbula ukuthi njengesifundazwe siphuma kude. Kuke kwaba nodlame. Bekunezindawo okuthiwa o-alubhadwa. Kodwa manje sesiyakwazi ukuya kuzo zonke izindawo.”
Lona kuzokuba umcimbi wokuvulwa kwesiShayamthetho wokugcina ngaphambi kokhetho.
UNksz Boyce uthe bayaziqhenya ngabakuzuza eminyakeni emihlanu bephethe.
“Sizobe sivalelisa ngokomsebenzi wethu, sibekela abazoqala kabusha, abazoqala ibanga elisha. Noma sibe nazo izinselelo ezifana nokubheduka kobhubhane iCorona, nokushoda kwemali, kodwa sikwazile ukwenza umsebenzi wethu. Amakomiti esiShayamthetho awenzile umsebenzi yawo.”