UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uthi bazobhekana nengalo yomthetho abazokwephula imithetho uma sekuqhubeka ukhukhulelangoqo wombhikisho ohlelwa yi-EFF.
UCele uthe amaphoyisa azophuma ngezinkani ukuqinisekisa ukuthi alukho udlame ngoMsombuluko. Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba ebesibizwe ongqongqoshe abasezinhlakeni zokuphepha.
Ongqongqoshe ababhekene nezokuphepha ezweni baqinisekise abantu bakuleli ukuthi bazokube bevikelekile kunoma iyiphi inhlobo yodlame nokuphazamiseka okungase kuhambisane nombhikisho.
Baqhube baqinisekise ukuthi umbhikisho we-EFF ngeke ufane nezibhelu zangoJulayi 2021, lapho kwacekelwa khona phansi impahla, kwashona nenqwaba yabantu.
I-EFF isonga ngokumisa nse yonke into ezweni ngoba ifuna ukuthi uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ehle esikhundleni.
UCele uthe uMsombuluko uzokube uwusuku olwejwayelekile.
“Senze izinhlelo zokuthi wonke umuntu ofuna ukuya emsebenzini ngoMsombuluko, abafuna ukuvakasha nabafuna ukuvula amabhizinisi abo, bakwazi ukukwenza lokho ngaphansi kwesimo esiphephile. Sifisa ukuqinisekisa abantu basemazweni angaphandle ukuthi akusilona iqiniso ukuthi amachweba nemingcele yakuleli kuzokube kuvaliwe.
“Ezokuphepha zizokube ziqinile. Noma ngubani ozozama ukusabisa, ukuvimba abantu ukuthi baye emsebenzini noma ozozama ukuvala imigwaqo, uzobhekana nengalo yomthetho,” kugcizelela uCele.
UCele uqhube wathi bazobambisana nezinkampani zonogada nezinhlangano zemiphakathi ezilwa nobugebengu ukubhekana nemibhikisho yangoMsombuluko.
Ubonge izinhlangano eziziqhelelanisa nombhikisho, okubalwa abezokuthutha, abezemidlalo nabanye osomabhizinisi.
“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi labo somabhizinisi bayakwazi ukuqhubeka nokwenza imisebenzi yabo ngaphandle kokuphazamiseka.”
Ungqongqoshe wezokuVikela, uNkk Thandi Modise, uthe amasosha akulungele ukwelekelela uma kunesidingo. Uthe bazothathelwa izinyathelo abagqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana.
“Elinye iphutha eselivumela ukuthi lenzeke yilile lokungathatheli izinyathelo abantu abagqugquzela udlame ezinkundleni zokuxhumana. Sesifundile kulelo phutha. Yingakho abantu bezothathelwa izinyathelo kulokhu,” kuphawula uNkk Modise.
Ungqongqoshe ehhovisi likamengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe ngeke bavume ukuthi kuphinde okwenzeka ngoJulayi 2021. Uthe uma i-EFF ifuna ukukhipha uRamaphosa esikhundleni, ayilinde ukhetho.
“Ukhetho lungonyaka ozayo. Abantu kufanele bawine ukhetho uma befuna ukukhipha uhulumeni osemandleni njengamanje. Kuleli zwe amandla oMbuso awathathwa ngendluzula. Ngeke sikuvumele ukuthi kube khona abantu abazofuna ukuthatha amandla oMbuso ngendluzula,” kuxwayisa uNksz Ntshavheni.