BAZOBOLELA ejele abesilisa abahlasela, babulala umshayeli wetekisi elikhokhelwa ngebanga, maqede bamshayisa ngemoto yakhe.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu, igwebe uNkosinathi Mathobela (26) noKwanele Khaya Buthelezi (21) iminyaka engu-30 umuntu ngamunye ngamacala abandakanya elokubulala.
Kuthiwa ngoNovemba nonyaka, abalisa babephuza ejoyintini elisemgwaqweni uMasukwana, eMgungundlovu, ngesikhathi bebiza itekisi elikhokhelwa ngebanga ukuba libathathe bayothenga izidakamizwa. Kepha, bathi badinga ukulanda imali kuqala ekhaya likaMathobela eWestgate.
Kuthiwa uMnuz Thabani Reginald Sibisi, 32, umshayeli wetekisi elikhokhelwa ngebanga, waxabana nabalisa ngesikhathi bengafuni ukukhokha bethi bazokhokha uma befika lapho beya khona.
“Umufi wacela ukuthi badilike emotweni yakhe kodwa abakwenzanga lokho, baqhubeka nokulwa naye. UButhelezi wadinwa wakhipha isibhamu sakhe esingekho emthethweni wadubula uSibisi,” kusho uMathobela esitatimendeni esisenkantolo.
Uqhube wathi uSibisi wazama ukubamba isibhamu kodwa sawela esihlalweni esingemuva, wasithatha uMathobela wadubula umgilwa ngesikhathi uButhelezi evula umnyango womshayeli wawela phansi uSibisi.
UButhelezi wathatha imoto wayijika washayisa uSibisi owayeselele phansi ngemuva kokudutshulwa ekhanda. Babonwa onogada abebehamba ngemoto base bebajaha, babanjwa kanjalo.