UMPHAKATHI waseSinembe, KwaDukuza, ufuna lujule uphenyo kuvele iqiniso lonke futhi ijeziswe indoda eneminyaka engu-43, eboshiwe ngenxa yezinsolo zokushaya indali indodakazi yayo eneminyaka ewu-14 kowokufika.
Umphakathi obuhambisana nabaholi be-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, ubhikishe ngaphandle kweNkantolo yeMantshi KwaDukuza, lapho obekuvele khona abamangalelwa.
Uyise wengane uvele enkantolo nowesilisa wokufika oneminyaka engu-23, ongenawo amaphepha okuba kuleli.
Izinsolo zithi indoda eneminyaka engu-43, engeke idalulwe ukuze kuvikelwe umgilwa, yabika emaphoysieni ukuthi ingane yayo idukile kanti ihubhuza amanga. Kuthiwa ibikele amaphoyisa ngesonto eledlule yabhala isitatimende kwase kuqala uphenyo.
Isolezwe ngeMpelasonto lithole ukuthi kuqubuke ukuvungama umphakathi usuthola ukuthi kuboshwe uyise wengane nomlisa wokufika okusolwa ukuthi uyidlwengulile. Kuthiwa ngesikhathi umphakathi uphume inqina uthungatha ingane itholwe nowokufika ehlathini thizeni.
Ihhovisi le-ANC lithe kunezinsolo zokuthi uyise wengane ubethenjiswe ilobolo, wase evuma ukunika umsolwa indodakazi yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uyise wengane uboshiwe nomlisa wokufika.
“Ubaba wengane oneminyaka engu-43 uboshelwe amacala okushushumbisa umuntu, ukuqamba amanga efungile, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, amacala aphathelene nemali nokumosha izinsiza zombuso,’’ kusho uNetshiunda.
UNetshiunda uthe umlisa wokufika uboshelwe icala lokudlwengula, nokuba sezweni ngaphandle kwemvume. Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoMsombuluko sekuzolalelwa isicelo sebheyili.
Abe-ANC bathe bazophinde bawugqugquzele umphakathi ukuthi uphume ngobuningi bawo uyolwela ubulungiswa, uphikise nesicelo sebheyili. Bathe kufanele kuliwe nesihlava esibi sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.