SEBEYASABA ukugibela izimoto zeBolt abesifazane okuthiwa bagetshengwe wumshayeli walezi zimoto ezigamekweni ezehlukene.
Laba besifazane basanda kuphumela obala ngezigameko ezibehlele enkundleni yokuxhumana iFacebook.
UNksz Andiswa Mhlongo ongomunye wabagilwa, Isolezwe elixoxe naye, ufunge wagomela ukuthi akasophinde azigibele izimoto ezingaphansi kweBolt ngenxa yokwesaba kulandela isigameko adlule kusona.
Lona wesifazane waseMatendeni, eNanda, uthe wehlelwe yisigameko ngenyanga edlule.
Uveze ukuthi sekungcono manje, ngoba useyakwazi ukukhuluma ngaso kodwa kuke kwaba nzima ngoba besilokhu sidlale njalo isithombe ngokwenzeka.
“Ngosuku lwesigameko sabiza imoto sinomngani wami ukuthi isithathe eMatendeni, isiyise edolobheni eThekwini. Wafika kahle umshayeli, wasithatha, sizitshela ukuthi konke kuhamba kahle,” kusho uNksz Mhlongo.
Uthi indaba yonakale sebehambe ibangana nomshayeli, ngesikhathi ecela ukumisa imoto eceleni, ayochama.
“Asizange sinake ngoba sasingazitsheli ukuthi kukhona okuthile angahle akwenze kithi. Sathuka sacishe soma ngesikhathi esebuya nomngani wakhe behlome ngezibhamu, sebesifuna amaselula ngodli,” kubalisa uNksz Mhlongo.
Uthe akukho ababengakwenza ngoba babengabantu besifazane, bebhekene nabantu besilisa abahlomile, bathi uma beqeda ukubaphuca amaselula, babayalela ukuthi behle emotweni yabo, maqede bakhala amaphepha.
Uthe abazange balivule icala emaphoyiseni kodwa bathatha isinqumo sokuthi ngeke baphinde bazigibele lezi zimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.
Kuthiwa umshayeli owagebenga uNksz Mhlongo nomngani wakhe, ukujwayele ukugebenga abagibeli futhi usebenzela iBolt.
Kubikwa ukuthi kunesigameko lapho eke wavinjezelwa ngamalungu omphakathi KwaMashu, amshaya, emshayela zona izinsolo zokugebenga abagibeli.
Oyimenenja yaseBolt eNingizimu Afrika, uMnuz Takura Malaba, uthe ubugebengu bulokhu buqhubekile nokuba yinkinga ebhekene nezwe lonke kanti ukuphepha kwamakhasimende abo yinto ebalulekile kubona.
“IBolt ilokhu iqhubeke njalo nokuba nezingxoxo nobuholi bamaphoyisa kuzwelonke, ezifundazweni nasemazingeni asemphakathini ukuzama ukuqhamuka nezisombululo zalesi sihlava.
“Siyazama ukubambisana namaphoyisa ukwenza ngcono ezokuphepha kubantu abasebenza ngaphansi kweBolt,” kusho uMalaba.
Uthe basakholwa wukuthi izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile zisawuhlobo oluhamba phambili kwezokuphepha eNingizimu Afrika.
Uthe wuhlobo lwezithuthi zomphakathi olunikezelangolwazi lukamshayeli kubagibeli uma kuqhathaniswa nezinye izinhlobo zezithuthi.
Uphinde wathi yilolu hlobo lwezithuthi zomphakathi kuphela lapho abagibeli benelungelo lokulawula uhambo lonke olubheke lapho besuke beya khona.
Uveze ukuthi nanoma yimuphi umshayeli obandakanyeka esigamekweni esibikiwe emaphoyiseni uyamiswa ekuthutheni abantu.
“Umiswa kuze kuphothulwe uphenyo kanti uze akwazi ukuthi aphinde asishayelele uma amaphoyisa esekuqinisekisile ukuthi umsulwa,” kunaba uMalaba.
Uphinde wadalula nokuthi iBolt inohlelo lokuthi bonke abagibeli bayo bahlomule ngaphansi kohlelo olwaziwa ngokuthi yi-trip protection nenkampani yomshwalense i-Oaksure.
Uthe bakwazi ukuhlomula kulolu hlelo uma belimele ngesikhathi behamba ngemoto yayo iBolt, bakhokhelwe ukuhlala esibhedlela, banikwe ukwelulekwa komqondo, nokunye okuningi uma kwenzekile babhekana nesimo esithile besohambeni lwabo.
“Lokhu kufaka phakathi ukulahlekelwa izinto zabo noma ukulimala kwazo. Bangakwazi ukuhlomula kuze kufike kuR2000 emva kwesigameko,” kusho uMalaba.
Uthe ukuze abagibeli bakwazi ukufaka izicelo noma babike ngokubehlele, kufanele bathinte inkinombo ethi ‘support’ kwi-app noma bathumele isikhalazo kwi-email ethi [email protected] okulandelwa ngukuthi bathunyelelwe imininingwane yase-Oaksure lapho okufanele bafake khona isicelo sokukhokhelwa ngomonakalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe beluleka abagilwa ukuthi bayovula amacala eziteshini zamaphoyisa abasondelene naso.