IYAKHULA ingcindezi yokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa angayethuli inkulumo ebhekiswe esizweni engakaphenduli ngombiko othinta ukutholakala kwemali epulazini lakhe iPhala Phala, eLimpopo.
I-NFP ifuna uRamaphosa angayethuli le nkulumo ngoLwesine, ngoba uwushaye indiva uMthethosisekelo wezwe ngodaba lwePhala Phala, ekubeni i-EFF ifunge yagomela ukuthi ngeke akhulume engaphendulanga ngale ndaba.
UNobhala jikelele weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe bafuna iBamba loMvikeli woMphakathi, u-Advocate Kholeka Gcaleka, lidedele umbiko wePhala Phala.Uthe bakusho lokhu ngoba ibamba liveze ukuthi sebeluphothulile uphenyo futhi sekunombiko wesikhashana osabuyekezwa ezinhlakeni zangaphakathi.
“Sinxusa uMvikeli woMphakathi ukuthi awudedele lo mbiko ngaphambi kwenkulumo kamengameli. Kumele uRamaphosa angayethuli le nkulumo ngoba ubukela phansi uMthethosisekelo. Kumele avinjwe ukuthi akhulume futhi ashenxe esikhundleni.”Uthe abakwazi ukuthi bangaba nomengameli oshaya indiva imithetho yezwe.
“Sikholwa wukuthi uma kudedelwa lo mbiko, i-ANC izomsusa esikhundleni. Asikwazi ukuthi singaqhubeka sithwale kanzima siyizwe ngaphansi kobuholi bakhe. Abantu akukho okusha abazokuzwa kule nkulumo yakhe. Siyahambisana nekhwelo lokuthi kuphazanyiswe inkulumo yakhe.”
Uthe yisikhathi sokuthi amalungu ePhalamende asukume amchithe ukuze aveze ukuthi ahambisana nabantu.
USotswebhu we-ANC ePhalamende, uNksz Pemmy Majodina, uthe i-EFF ihlale ikwenza vele ukuthi imphazamise uRamaphosa uma ethula inkulumo ePhalamende.
Uthe akukho okusha abakulindele kuleli qembu wathi kodwa umengameli uzoyithula le nkulumo.
“Umengameli uzoyethula inkulumo ebhekiswe ezweni ngoLwesine. Akukho okusha i-EFF ezobe ikwenza esizobe sikuqabuka ngalolu suku. Inkulumo uzoyethula umengameli ngoba ngalolu suku kuzobe kundlalelwa abantu izinto ezizokwenzeka kulo nyaka ezweni,” kusho uNksz Majodina.
UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma emgubheni we-ANC eHammarsdale ngeSonto, ukuvezile ukuthi akubathusi okuzokwenziwa yi-EFF ngoba ihlale imphazamisa umengameli.