UNYELWE yinyoni esandleni umlimi wesifazane osafufusa, uxhaso lukaR8 million eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya KwaZulu-Natal.
UNksz Silindokuhle Ngubane (37) onepulazi lemfuyo eKokstad, iTsar Beef, uthe ezolimo ikakhulu ezemfuyo yinto ayizwa ngaphakathi.
“Ngibonga lo mnyango nophiko lwawo i-Agriculture Development Agency, ngokungethemba banginike lolu xhaso, kanjalo noMnyango ophethe ezomhlaba owamukela umbono wami walidlulisela kimi ipulazi. Ngiyafisa ukuthi umcabango wabaningi wokuthi umuntu omnyama akakwazi ukuphatha ipulazi ubhaleke kabusha,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe okumjabulisa kakhulu ngukuvuleka kwamathuba omsebenzi ngoba phambilini ubeqashe umsebenzi oyedwa kodwa manje sebeyisikhombisa abasebenza epulazini lakhe.
Ethula umxhaso uNgqongqoshe womnyango esifundazweni uNkk Bongiwe Sithole-Moloi ngempelasonto, uthe likhulu iqhaza okumele libanjwe ngumnyango ukuqinisekisa ukuthi abantu besifazane bayanda emkhakheni wezolimo.
“Kuyajabulisa ukuthi ipulazi ngelomuntu omusha futhi wesifazane. Siyethemba ukuthi izophela le nto yokubukela phansi ezolimo okwenziwa yintsha ngoba isizobona ukuthi kulapho umnotho ulele khona,” kusho uNkk Sithole- Moloi.
Uthe ngokubambisana ne-Agriculture Development Agency, bathengele lo mlimi osafufusa izinkomo ezingu-120 ezinye zazo ezifike zivele zimithi, iziklabhu ezingu-60 nezinkunzi zohlobo eziyisishiyagalombili.
“Isiyonke imali axhaswa ngayo uR 8million kodwa kunyaka-wezimali u-2019/2020 simnike ingxenye kaR4 million, kuzothi ngokuhamba kwesikhathi siphinde simnike esele. Siwumnyango sizosebenzisana naye okungenani iminyaka emithathu size sigculiseke ukuthi useyakwazi ukuzimela bese simdedela asebenze,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
Uthe bazophinde bamlekelele ukulima indawo engama-hektha angu-70, kulo leli pulazi ukuze atshale okuzodliwa yimfuyo.
IMeya kuMasipala iGreater Kostad uMnuz Bheki Mtolo, igxeke ekubize ngomkhuba omubi owenziwa ngabantu wokubukelana phansi benze umathanda uma ipulazi sekungelomuntu omnyama kodwa kade bethobela umthetho lisaphethwe umlungu.