BAVELE eNkantolo yeMantsh eVuwani ngoMsombuluko abasolwa abahlanu ababanjwe ngamaphoyisa ngohlelo lwawo, lokuvimbezela abasolwa ngokugebenga izimoto zemali eLimpopo.
NgoLwesihlanu, amaphoyisa atholane phezulu nequlu labasolwa emzini kaNokusho e-Elti Villas, eMakhado eLimpopo, okuthiwa ubusetshenziswa ngabasolwa uma ukuhlela imisebenzi yabo.
Ngokusho kwamaphoyisa, uphenyo ngeqembu lemigulukudu luqale ekuqaleni kwalo nyaka kuhlanganiswa ubufakazi kulandelwa nomkhondo wabasolwa.
Ithimba elihlanganisa uphiko lweDPCI National Priority Violent Crime Desk, Mpumalanga DPCI, Limpopo DPCI, Head Office Tactical Operations Management Section, Tactical Response Team, Pretoria Special Task Force, Gauteng Traffic Police Saturation Unit naleHead Office Counter Intelligence linikele kulo muzi ngoLwesihlanu, ngemuva kokuzwa ukuthi abasolwa bahlangene ndawonye bahlela ukuphuma bayosebenza.
Okhulumela uphiko loKlebe eLimpopo, uLieutenant Colonel Matimba Maluleke, uthi amaphoyisa afika kule ndawo atholana phezulu ngenhlamvu nabasolwa.
Ngosuku lwesigameko kwabikwa ukuthi bangu-18 abasolwa abasala enkundleni.
“NgoMgqibelo ekuseni ngesikhathi abaseshi nabaphenyi behlola indawo yesigameko, bathole isidumbu sowesilisa kwelinye lamagumbi kulo muzi. Lokhu kwenyuse isibalo sabashonile, abesilisa abangu-17 nabesifazane ababili,” kusho yena.
Lokhu kudubulana kuthathe imizuzu engu-90 ngaphambi kokuba kuhlolwe isimo kutholakale abasolwa. Amaphoyisa athole izibhamu ezingu-11 nezinhlamvu eziningi ezahlukene, kukhona i-AK47, R1, R5 ne-pistol), bekukhona futhi iziqhumane nezinye izinto ezisetshenziselwa ubugebengu ubuseqophelweni eliphezulu.
“Kuyo indawo amaphoyisa athole nezimoto ezinhlanu zezinga eliphezulu iFord Ranger, Mercedes Benz ML , Land Rover, Toyota Bakkie neVW Tiguan.
Kulezi zimoto, ezintathu ziqinisekiswe njengezebiwe eGauteng naseMpumalanga,” kuqhubeka yena.
U-Lt Col Maluleke uthi ngesikhathi amaphoyisa egasela kulo muzi ngoLwesihlanu, amanye abelubangise eThohoyandou lapho kuboshwe khona abasolwa abahlanu.
Uthi kukholakala ukuthi laba basolwa bayingxenye yaleli qembu elihlakazwe ngenhlamvu eMakhado.
“Emzini oseThohoyandou, kutholakale imoto yohlobo lweVolvo okukholakala ukuthi yebiwe nenye ebinesikhangiso se-ambulensi, okukholakala ukuthi ibizosetshenziselwa ukuthutha imali ezokwebiwa ezimotweni ezibanjwa eLimpopo ihanjiswa eGauteng.”
Amaphoyisa athi seluqalile uhlelo lokuthola ulwazi ngokuthi bangobani abasolwa ababulewe.
Kubasolwa abahlanu ababoshiwe babhekene namacala okutholakala nezimoto ezebiwe.