BAHLANGANE nezimbila zithutha abasolwa ababhozomelwe ngamalungu omphakathi becashe ehlathini ngetekisi, endaweni yaseMavele Village eLetsitele, ngoLwesibili.
Kuthiwa amalungu omphakathi abone imoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum esolisayo ipake endaweni esehlathini. Babuthana basondela kuyona, okuyilapho bethole khona abantu abahlanu phakathi.
Phakathi etekisini bekukhona nenqwaba yezicubu zezinkomo eziyisikhombisa. Amalungu omphakathi avimbezele laba bantu, ababili bakwazi ukuphunyuka babaleka, kwasala abathathu abaphenduke ukudla kwesibhaxu.
Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko, okuthe uma efika, abona itekisi lilele ngohlangothi lishile.
“Amaphoyisa athole abesifazane ababili nowesilisa oyedwa kuleli tekisi, kukhona nezicubu zezinkomo eziyisikhombisa,” kusho uBrigadier Hlulani Mashaba okhulumela amaphoyisa eLimpopo.
Laba abathathu bayiswe emtholampilo wendawo ukuze balashwe.
“Uphenyo lokuqala lwamaphoyisa luveza ukuthi laba bayathinteka emacaleni okwebiwa kwemfuyo enzeke endaweni yaseLetsitele nasezindaweni ezizungezile."
Laba basolwa abathathu kuthiwa baneminyaka ephakathi kuka-38 no-43 baboshiwe, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eRitavi ngoLwesine.
Umkhuzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe, uxwayise umphakathi ngokuzibambela mathuba esikhundleni sokuba umthetho unikwe ithuba, wawunxusa ukuba ubikele amaphoyisa uma kukhona okusolisayo.
"Ukwebiwa kwemfuyo sekufike ezingeni elingakaze libonwe. Sicela imiphakathi yethu imelane nesilingo sokweba imfuyo ngoba inomthelela omubi.
Sesibonile abantu abaningi beqashwe ngeso lokhozi, ngenxa yokwebiwa kwemfuyo," kusho uLt Gen Thembi Hadebe.