INKANTOLO yoMthethosisekelo ichithe isicelo sikamengameli Cyril Ramaphosa ngodaba lombiko wePhala Phala.
URamaphosa ufake isicelo sokuthi afinyelele ngqo eNkantolo eNkulu lapho ebuyekeza umbiko wethimba lamalungu amathathu wesigaba 89 mayelana nokwebiwa kwemali epulazini lakhe iPhala Phala ngenxa yobucayi bezincomo eziqukethwe kulo mbiko.
URamaphosa ubefuna inkantolo iveze ukuthi lo mbiko awukho emthethweni futhi iwubeke eceleni.
INkantolo isichithile i sicelo sikaRamaphosa sokuphikisa umbiko othole ukuthi kungenzeka ukuthi umengameli wephule imithetho elwa nenkohlakalo.
Le nkantolo ithe ayifanele ukulalela leli cala, okusho ukuthi uRamaphosa ugagamelile weqa ezinye izinkantolo ezifanele.
Abaholi namarembu ezepolitiki banikele ezinkundleni zokuxhumana betinyela uRamaphosa ngalolu daba.
I-EFF ifake isitatimende ithi iyasamukela isinqumo sale nkantolo kuvimba imizamo kamengameli yokuchitha umbiko weSigaba 89.
UMnuz Vuyo Zungula ongumholi we-ATM nokunguyena obelokhu egqugquzela lolu daba ePhalamende futhi ephikisana neziphakamiso zokuthi uchithwe lo mbiko usamukele isinqumo senkantolo ethi nakanjani lo mbiko kufanele ufakwe isigxivizo sokuthi umengameli unecala okumele aliphendulele.
The Independent Panel report that found Mr Ramaphosa MAY HAVE violated the Constitution and has a case to answer still stands. The application to the Constitutional Court to review the report has been DISMISSED! pic.twitter.com/CcjdG0TWvq
— Vuyo Zungula MP 🇿![CDATA[]]>🇦 (@ZungulaVuyo) March 1, 2023
Umholi weDA uJohn Steenhuisen uthe: “Ukuchithwa kwesicelo sikaRamaphosa sokufinyelela ngqo kulo mbiko weSigaba 89 mayelana nehlazo lePhala Phala kuqinisekisa okushiwo wumbiko ukuthi kufanele kuphenywe futhi kudingidwe yikomiti lesikhashana ePhalamende hhayi izinkantolo.”