BAGCINE bethwese amacala okubulala nokuzama ukubulala abaqaphi basendaweni yokulahla udoti eBuffelsdraai, eVerulam abasolwa ngokudubula babulale abantu abebezocosha udoti kule ndawo.
Kuqinisekiwe ukudutshulwa kubulawe uMnuz Njabulo Mbonambi (27) wasoSindisweni kanti abalimele bangaphezulu kuka-16.
Kuthiwa abaqaphi bala ukhasha kule ndawo, abafuni muntu ocosha udoti futhi bagcine sebedubula ngezinhlamvu zangempela.
Umphakathi ubuvutha ungabaselwe uthi kuyaxaka ukuthi babulawelani abantu ngoba bayazizamela njengoba becosha kule ndawo yokulahla udoti.
Amalungu omphakathi abesola ukuthi ziningi izidumbu ezigqitshwe ngezibi ngaphakathi kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe bathweswe amacala abasolwa, bekulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi eVerulam.
“Bathweswe amacala okubulala nokuzama ukubulala kanti bekufanele bavele enkantolo yeMantshi eVerulam,’’ kusho uNetshiunda.
Bayisishiyagalombili abalisa abebethathwe ngamaphoyisa beyophoswa imibuzo kanti kuthathwe izibhamu ezingu-11 ziyohlolwa ukuthi azikaze zidubule yini maqondana nalo ludaba.
UMasipala weTheku umemezele ukuvalwa kwendawo wathi bazophinde bamemezele uma isivuliwe.
Uthe ukuvalwa kwayo kudalwe wukuthi kungene abantu abangavumelekile kuyona batholana phezulu nabaqaphi.