NGESIKHATHI umhlaba wonke ugubha i-International Nurses Day, eba ngoMeyi 12, i-Health and Allied Workers Indaba Trade Union (HAITU) ithi bathwele kanzima onesi ezibhedlela zikahulumeni eNingizimu Afrika.
UMengameli weHAITU, uMnuz Rich Sicina, uthe kufanele wonke amalungu ePhalamende nabasebenzi bakahulumeni bonkana bangabi nama-medical aid ukuze bezolwazi usizi olubhekene nonesi kuleli.
Uveze ukuthi unesi odume umhlaba wonke uFlorence Nightingale uyaphenduka ethuneni lakhe uma ebona isimo amanesi asebenza ngaphansi kwaso kuleli.
“Ngeke silugubhe usuku lonesi ngoba akukho okushintshayo. Siyabatshela ongqongqoshe kule micimbi ukuthi sithwele kanzima, kodwa akukho abakwenzayo.
“Kuyimanje onesi abathathu babhekelela iziguli eziwu-40 ewodini eyodwa. Onesi bayathukwa yiziguli ngenxa yokuthi uhulumeni unciphisa imali ebhekelele ezempilo. Akuphephile ezibhedlela, kuningi nje okungahambi kahle,” kusho uSicina.
Uthe ukube ongqongqoshe basebenzisa izibhedlela zikahulumeni, bangayi kwezizimele ngabe bayalubona usizi olubhekene nabahlengikazi.
“Amalungu ePhalamende uma egula aya ezibhedlela ezizimele, ayofaka imali kahulumeni emaphaketheni omacaphunakusale.
“Kungakuhle ukuthi iqedwe i-medical aid ephalamende nakuwo wonke amazinga kahulumeni ukuze le mali izosiza ezibhedlela.
“Kunzima ukuthi ezibhedlela zikahulumeni azikho izinsiza kusebenza ezanele, ngisho abasebenzi bezempilo abasaqashwa kahle ngoba uhulumeni ekhala ngokuthi akanamali.
“Ayikho into esiyibona ifanele ukugujwa ngalolu suku ngoba bathwele kanzima onesi,” kusho uSicina.
Uthe onesi abaholelwa kahle kangangokuthi abakwazi ukufundisa izingane zabo ezikoleni ezinemfundo esezingeni eliphezulu, abakwazi nokuthenga imizi.
Uveze ukuthi njengoba uhulumeni engabaqashi onesi kusho ukuthi iningi labo lixhashazwa ama-labour brokers.
“Onesi bagcina sebenikezwa izinkontileka yizinkampani ezifunela abantu imisebenzi, ezihlale zincozula iholo labo nyangazonke.
“Abanalo nethemba lokuthola umsebenzi ngoba basebenza njengetoho minyaka yonke. Akukho esikujabulelayo ngosuku lonesi. Siyathemba ukuthi isikhalo sethu siyozwakala ngelinye ilanga,” esho.