INHLANGANO elwela abaphila nezifo zengqondo, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) ikhathazekile ngesimo sezibhedlela ezisiza abagula ngengqondo.
Isho lokhu emuva kokuthola ukuthi iziguli eziphila nezifo zengqondo eCharlotte Maxeke eGoli ziphila ngaphansi kwezimo ezinzima.
Isolezwe lithole ukuthi iziguli eziwu-30 eziphila nezifo zengqondo zigcinwe egumbini elilodwa, azinayo indlu yokuzikhulula kanti ezinye zigcina sezizikhulula kulona leli gumbi ezilaliswe kulo.
Kuthiwa unogada uzikhipha kanye ngosuku azihambise emathoyilethi kanti nezokuphepha ziyinkinga njengoba esinye isiguli sihlasele umhlengikazi.
ISadag ikhale ngokuthi azanele izibhedlela zengqondo eNingizimu Afrika, okusho ukuthi zixutshwa nezinye eziphethwe yizifo ezehlukene.
UNksz Cassey Chambers weSadag, uthe akusilo iqiniso ukuthi iCovid-19 ibe nomthelela ekunakekelweni kwabaphila nezifo zengqondo njengoba ethe kudala babenganakiwe.
Wenze isibonelo ngesibhicongo saseLife Esidimeni lapho iziguli zadedelwa ukuba zinakekelwe yizinhlangano ezisiza umphakathi. Eziwu-144 zagcina zishonile emuva kokunganikwa ukudla okwanele.
Uthe kufanele kube nokusebenzisana phakathi kwezibhedlela zikahulumeni nosomabhizinisi ukuze baxhase izinhlelo zokusiza abagula ngengqondo nezinye ezizophucula isimo sezempilo.
Uphethe ngokuthi sibi lesi simo ngoba siphuca abagula ngengqondo ilungelo labo lokuthola usizo lwezempilo ngakho kufanele silungiwe ngokushesha.