UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema noDkt Mbuyiseni Ndlozi oyilungu laleli qembu ePhalamende, batholwe bemsulwa ecaleni lokuhlasela yiNkantolo yeMantshi yaseRandburg, izolo.
Laba bobabili bebevele phambi kwemantshi, uLeiland Poonsamy ecaleni lokuhlasela iphoyisa uLieutenant Colonel Johannes Venter emngcwabeni kaNkk Winnie Madikizela Mandela ngo-Ephreli, 2018.
UPoonsamy uthe abamangalelwa ubathola bengenacala ngoba isizathu sabo siyezwakala.
“Uhlangothi olubekwe abamangalelwa luyawenza umqondo. Ngaleso sizathu, ngibathola bemsulwa,” kusho uPoonsamy.
Uqhube wathi uMbuso uyaqonda ukuthi isenzo sabo sokulwisa uVenter siyathetheleleka ngoba ngesikhathi befika emathuneni, babenayo imvume yokungena ngaphakathi.
“Bazama ukuthi bamchazele uVenter ukuthi banalo ilungelo lokungena ngaphakathi kodwa wangayingena eyokubalalela,” kusho uPoonsamy.
Uphinde wathi okunye abazame ukukwenza abamangalelwa ukuthi baxoxe noVenter ukuze udaba luxoxwe ngaphandle kwenkantolo, ukukhombisa umoya wobuntu, kodwa uVenter wala waphetha.
UMalema noNdlozi bavulelwa icala emva kwesigameko esenzeka ngosuku okwakufihlwa ngalo uNkk Madikizela Mandela.
Laba bobabili babonakala kwi-video eqoshiwe lapho babehilizisana khona noVenter emathuneni aseFourways, lapho kwakuzongcwatshwa khona uNkk Madikizela Mandela.
Ngesikhathi kuqulwa leli cala abamangalelwa bakubeka kwacaca ukuthi abakwenza (bephusha uVenter) bakwenza ngoba babezivikela futhi ngoba benenkolelo yokuthi kufanele bangene emathuneni ngoba babenawo amaphepha ayegunyaza lokho.
Ngakolunye uhlangothi, uVenter yena waveza ukuthi akazange abone ukuthi laba bobabili babenawo amaphepha abagunyaza ukuthi bangene ngaphakathi.