UCWANINGO lokuqala ngqa eNingizimu Afrika olubheka udlame lobulili luveza ukuthi 33% wabesifazane okuwu-7 million (7 310 389) uke wahlukunyezwa ngokodlame.
Kuvela ukuthi kulezi zinyanga eziwu-12 ezidlule bangaphezu kuka-1 million abesifazane ababike ukuthi bayahlukumezeka.
USolwazi Khangelani Zuma weHuman Sciences Research Council (HSRC) obehola ucwaningo, uthe kuyaqala ukuthi kube nocwaningo olugxile odabeni lokuhlukumezeka ngokobulili olwenziwe ezweni jikelele.
Uthe lolu cwaningo alubheki abesifazane kuphela kodwa belubheka namadoda, bekukhulunywa nabagilwa nabahlukumezi.
UDkt Nompumelelo Zungu naye obenza ucwaningo, uthe bebebheka udlame lokushaywa, olokuhlukunyezwa ngokocansi, olokuhlukumezeka emoyeni nolokuhlukunyezwa ngokomnotho.
Uveze ukuthi oyedwa kwabesifazane abayisishiyagalolunye uke washaywa kanti oyedwa kwabawu-40 uke wahlukunyezwa ngokocansi.
Emadodeni ,eyodwa kwawu-42 ike yashaywa kanti eyodwa kwawu-43 ike yahlukunyezwa ngokocansi.
Uthe ucwaningo lwenziwe kubantu abaneminyaka ewu-18 kuya phezulu nabaneminyaka engaphezu kuka-50.
Kubuye kwavela ukuthi amadoda ayisikhombisa kwawu-10 akholwa wukuthi abesifazane kufanele balalele umthetho wawo.
Akholwa nawukuthi kufanele awajabulise ekamelweni noma kunini inqobo nje uma owesifazane elotsholiwe.
UDkt Zungu uthe u-64% wabesifazane uyabika ngezigameko zokuhlukunyezwa emndenini nakulabo osondelene nabo kanti u-33% awubiki.
U-7.8% ubikela abaholi benkolo, u-6.2% uthola usizo losonhlalakahle kanti u-30.7% uke waya ezibhedlela nasemaphoyiseni ngezinkinga zokuhlukunyezwa.
Izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane ziphezulu kakhulu kwabakipitile nabangafundile kakhulu.
Kuvela ukuthi abesifazane abakipitile bahlukunyezwa kakhulu ngokodlame nangokocansi ikakhulukazi abeneminyaka ewu-23 kuya phezulu.
Kuthiwa sincane isibalo sabesifazane abashadile ababika ukuthi bayahlukunyezwa.
Abesifazane abafunde bagcina ku-matric bahlukunyezwa kakhulu kunozakwabo abaneziqu zemfundo ephakeme.
Ngokobuhlanga abesifazane abamnyama abahlala emadolobheni yibona ababika ukuthi bahlukunyezwa ngokodlame nangokocansi.
Phakathi kwezizathu ezenza abantu bahlukumeze abanye kubalwa izinkinga abake baba nazo othandweni kudala, izinkinga zotshwala nezidakamizwa, ukuhlukumezeka beseyizingane, ukuchukuluzwa nokungabi namandla.
IHSRC iphakamise ukuthi kufanele kusungulwe ithimba elizoza namasu azosiza abantu ukuze baziphathe kahle.
Umbiko udluliselwe kuNgqongqoshe woMnyango wezaBesifazane, iNtsha nabaphila ngokuKhubazeka, uNkk Sindisiwe Chikunga othe imiphumela yocwaningo ishayisa ngamahloni.
Uthembise ukuthi bazoyisebenzisa ezinhlelweni zabo zokulwa nodlame lobulili baqinisekise nokuthi abahlukumezayo bajeziswa kanzima.