USAMANGELE umphakathi waseWaterloo, eVerulam, emuva kokuthola ‘amathuna’ ayisikhombisa angaziwa enkundleni yezemidlalo esendaweni.
Izolo amalungu omphakathi axoxe neSolezwe nasehlale kule ndawo iminyaka, abesazibuza ukuthi aqhamukaphi futhi ngakabani lawa mathuna njengoba bebeqala ukuwabona?
Belandisa Isolezwe bathe ngesikhathi becenta enkundleni yezemidlalo ngeledlule, ukuze izingane zikwazi ukuyisebenzisa, bazithele phezulu kwalawa mathuna abebeqala ngqa ukuwabona.
Kuthiwa le nkundla ebesiyisikhotha ijwayele ukudlala izingane ibhola, abantu base bebona ukuthi njengoba kuqala ihlobo kungakuhle bacente.
Engxoxweni namalungu omphakathi kuvele ukuthi phambilini le ndawo yayiyipulazi.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Tholithemba Mthiyane, lithe kubashaqile lokhu, ikakhulukazi njengoba bengazi ukuthi amathuna madala noma asemasha.
“Kuthe uma kudlula imvula ngeledlule, sanquma ukuyocenta namanye amadoda endawo ngoba besekwenile, nokuyilapho esibone khona ingqumba engajwayelekile. Kuthe uma sihlolisisa sabona ukuthi ibukeka njengethuna lomuntu.“
Kuthe uma siqhubeka nokucenta, kwavela amanye amathuna ayisithupha eduze kwaleli esilibonile nokuyilapho siqale khona sathuka,” kuchaza uMthiyane.
Uthe ngemuva kokuthola lawa mathuna, babikele ikhansela ukuze kube khona umnyakazo eluwenzayo kodwa namanje kusathulekile.
UNkk Thandiwe Xaba (63) waseWaterloo, uthe selokhu ahlala iminyaka engu-22 kule ndawo, kuyamethusa ukubona amathuna ngoba awavumelekile njengoba kuyindawo ehlala abantu.
“Okwethusa kakhulu, kasazi ukuthi masha noma madala, abusehli nobuthongo selokhu siwabonile ngoba asazi noma kunezigilamkhuba ezibulala abantu bese zibagqiba endaweni yethu. Yize ngingeke ngijabule kodwa kungaba ngcono uma kungukuthi ngamathuna abantu abagqitshwa kudala ngezikhathi zobandlululo,” kuchaza uNkk Xaba.
Ikhansela lakuWard 106, uMnuz Johnson Chetty, lithe liwutholile umbiko kubahlali, belicela ukuthi lisukumele lolu daba.
“Kuthe uma ngizwa ngathinta uphiko lukaMasipala weTheku, olubhekelele ezamapaki namathuna, bathembisa ukuthi bazofika ngoLwesine, ukuzohlola isimo nokuqinisekisa ukuthi ngabe yiwona yini amathuna lawa atholakale kule ndawo,” kuchaza uChetty.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umasipala ngeke ukwazi ukuqinisekisa ngodaba lwamathuna kule ndawo.
“Asikazi okwamanje kodwa sizophenya ngoba ithuna libhekwa njengento engcwele emphakathini wethu.
“Uma umasipala sewazisiwe, uzocacisa ngesinyathelo esilandelayo,” kuchaza uMayisela.