MBALI KHANYILE
BEBECHICHIMA yinjabulo izolo abaphathi besiteshi somsakazo womphakathi iVibe FM, ngenkathi kwethulwa izitudiyo ezintsha kwaB KwaMashu, eThekwini.
Lesi situdiyo esiseK-CAP, Ekhaya Multi-Arts Centre, besesingekho esimweni esigculisayo kepha manje sesinezinsiza eziseqophelweni elicokeme ngokusho kukaLucky Dlamini.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yiPhini likaNgqongqoshe ehhovisi likamongameli uNksz Thembi Siweya, abasakazi besiteshi namakhansela akuleli lokishi.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto, uLucky Dlamini uthe ukholwa ukuthi usuzoba lula umsebenzi kubasakazi besiteshi ngoba sinakho konke okuhambisana nezobuchwepheshe besimanje.
“Sithokoze kakhulu futhi nabo bonke abasakazi bajabule ngoxhaso esiluthole eMedia Development and Diversity Agency (MDDA). Siyakholwa ukuthi bazophinde bakhuthazeke kakhulu abasakazi ukusebenzela kwistudio esisezingeni elifana nalesi,” kubeka uDlamini.
Eqhuba uthe, abamatasa ngakho njengamanje ukuthi balungise ulayini wabo ukuze nabalaleli abangakwazi ukubalalela ngenxa yokungadonsi kahle emoyeni bakwazi ukulalela zonke izinhlelo zesiteshi.
Uthe okunye okuseqhulwini ukulwela ukuthi bathole indlela abangazidonsela ngayo ngqo, ulayini womoya ukuze bagweme izindleko zeSantec.
“Kuyazilimaza iziteshi ukunqanyulwa emoyeni uma zikweleta iSantec. Yingakho sihlela indlela yokuthi sizidonsele thina oqondene nathi ngqo. Kungangaba wuhlelo oluzongalungi manje kodwa yinto esisebenzela phezu kwayo,” kuchaza lo mphathi siteshi.