AMAPHOYISA abophe abasolwa abayisithupha eSoweto namhlanje kulandela ukubulawa komdlali weKaizer Chiefs ngesikhathi edunwa imoto eGoli ngesonto eledlule.
ULuke Fleurs weKaizer Chiefs wadutshulwa wabulawa eHoneydew, eGoli ngo-Ephreli 3 ngenkathi edunwa imoto ebomvu eyiVW Golf 8 GTI egaraji eliku-14th Avenue.
Emuva kophenyo olunzulu amaphoyisa avalele laba basolwa ezintatha eSlovoville eSoweto, kanti izingxenye zemoto kaFleurs esihlukanisiwe zona zatholwa ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa eGoli uLt Colonel Mavela Masondo, uthe uFleurs wahlaselwa amadoda amabili ayehlome ngezibhamu, nokubikwa ukuthi ayehamba ngeBMW 1 series emhlophe.
"Abasolwa bamkhomba ngesibhamu bathatha imoto, bamdubula kwesingenhla. Omunye wabasolwa washaya wachitha nemoto walandela uzakwabo," kusho Lt Colonel uMasondo.
UFleurs washona emuva kokudutshulwa.
Emuva kwalokho uKhomishana wamaphoyisa eGoli uLieutenant General Tommy Mthombeni waqoka ithimba elihlale ezithendeni zabasolwa nokuholele ekutheni baboshwe.
"Amaphoyisa akholwa ukuthi laba basolwa bayathinteka oxhaxheni lwezigameko zokudunwa kwezimoto okwenzeka eGoli. Uphenyo lokuthola abasolwa luyaqhubeka. Laba basolwa bazovela enkantolo kaMantshi eRoodepoort ngoLwesihlanu ngecala lokuduna nokubulala," kusho uLt Colonel Masondo.